How to talk less
Imiphakathi enokuhleleka inhlezi inabantu abathandayo ukukhuluma kakhulu nabathanda ukulalela. Abanye bakhuluma kakhulu ngendlela yokuthi bonke abantu bafisa engathi bangathula; abanye bagxile kakhulu ekulaleleni ngendlela yokuthi akekho osabe nethuba lokuzuza nolwazi kubona.
Lesifundo sanamhlanje esaleliqoqo lokuqala. Ukhuluma kalula. Nawe ngokwemvelo uiyazibona ukuthi uyakhuluma, mhlampe futhi unguthisha. Kungenzeka futhi ukuthi unolwazi oluhle lohlu oluhlukene lwezihloko , noma kungenzeka ube nezimbalwa izihloko okhuluma ngazo njalo, nanoma yikuphi, uyakuthanda ukukhuluma.
Sonke siyabadinga abantu abathanda ukukhuluma, kodwa uma wena ungumuntu othanda ukukhuluma, naka amazwi esixwayiso abheke kuwe namhlanje.
Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona;othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.
Izaga10:19
Umuntu othanda ukukhuluma onguMkhrestu yilowo ngokungangabazi olizwisisile iqiniso lomusho wokuqala walesisaga—isono siyaziphumela kalula. Uma uxoxa ngokudoba inhlanzi ilkoku ibankulu, indaba ngonkosikazi wakho igcina isiyinhlebo, ukuchaza ngohamba lokuyothenga ezitolo kufaka nokukhuluma kabi ngabantu, ukugijima okuncane kosuku kuyakhukhumala ngokuziphakamisa wena.
Kodwa lowo othiba izindebe zakhe uhlakaniphile. Njengokujwayelekile, Izaga zinikezela ngomuthi wokuphilisa umphefumulo emveni komkhonto ogwaza enhlizweni. Uma ungumuntu othanda ukukkhuluma, ungathuli; kunalokho, thiba izindebe zakho. Bamba amagama akho ekuziphumeleni kalula, yehlisa lowo muzwa othanda ukusho okuthize. Ukugcina isithombe esihle salesisaga, faka izipringi kwizindebe zakho ukuze zingazivulekeli kalula, uma sezivulekilw, zivale futhi masinyane.
Mhlawumbe okuyisona iseluleko esisebenzayo esake sanikezelwa maqondana nalokhu ukufunda ukuphetha inkulumo ( noma singabeka ngokuthi ukukhuluma ngawedwana kwenye inkathi isondelene neqiniso??). Zihlelele ugcine ngokomqondo izisho ezimbalwa eziqenda kahle inkulumo. Kwesinye isikhathi ngokucacile yithi “Ngiyaxolisa, sengikhuluma kakhulu futhi, unjani wena namhlanje?”, kwabanye kubalula lapho ulokhu usiyisa ngasemaphethelweni udaba, bese-ke usuthatha isitulo sokuthula ulalele, ubani owaziyo, ungakwazi nokukhulisa amakhono akho okubuka izinto ngokuthula kancane, ulalele, ubuke.
