Impilo yoBukhrestu impilo yoshintsho. Ngesikhathi lapho uNkulunkulu esisindisa, sashintsha ngokomoya eshesha ngokumangalisayo- saguquka ekubeni ngabafile ngokomoya saba ngabaphilayo ngokomoya ( kwabase-Efesu 2:1-5). Kusuka lapho, sesingabantu abashintshile ( 2 kwabaseKhorinte 5:17), futhi sisohlelweni olungaseyukuphinde luguquke lokwenza ushintsho ( kwabaseFiliphi 2:12-13, kwabaseRoma 12:2). Loluhlelo loshintsho oluqhubekayo ushintsho oluhle lokuguqulwa kwengqondo lapho sikhumula yonke into enuka isono, bese sigqoka yonke into eveza ukulunga kukaKhristu ( kwabaseEfesu 4:22-24).
Kodwa ke, kangangokuba lolushintsho oluqhubekayo ngokwemvelo yalo lumangalisa ezimpilweni zethu, futhi kangangokuba nomphumela walo umuhle, nokho sikuthola kunzima ukushintsha imikhuba eyisono. Ukuheha kwesilingo kunamandla. Impakamo esezinhlizweni zethu isenza sibe namakhanda aqinile. Intobeko inzima kakhulu ngalesosikhathi lapho idingeke ngempela.
Ngakho uNkulunkulu akasishiyi ngaphandle kwethemba, kodwa uyanikezela usizo ngezindlela eziningi. Nansi enye yezindlela uNkulunkulu asinikezele yona ukuba sinqobe ubunzima bokushintsha imikhuba eyisono.
Okokuqala, funda ukuvuma isono ngendlela ekahle. Isibonelo esikuBahluleli 10:10 siqala kahle ngokuvuma komuntu isono sakhe ngamagama afanele. Hhayi ukuthi nje “Ncese, ngibenephutha”kodwa “Ncese, ngonile ngokuthi ngiphinde ngenze____________”. Ngemuva kokuthetha okuvela kuNkulunkulu ngenxa yokuvuma isono okungaphelele, Abahluleli 10:15 bayakuphelelisa ukuvuma isono ngokuvuma ukuthi nanoma yisiphi isijeziso sizobe silungile, kanye nangesicelo somusa nesihe. Ngakho ukuvuma kweqiniso kuqala ngokuvuma ngokuqondile isono nesijeziso esifanelo, kodwa bese kucela umusa wokukhululwa ekulahlweni yicala kunembeza kwalesosono yilowo owone kuye. Bese, uma yena ekuxolela, kwamukele lokho ngokuthokoza ( Amhubo 103:10-12).
Bese,uyafunda ukushintsha ngokuphelele. Yilapha ke la incwadi kwabaseRoma 12:2 inenkulumo efingqiwe ewusizo olukhulu, bese incazelo ethe ukuba yinde ekwincwadi yabase Efesu 2:22-24 enezibonelo uma usibheka isahluko sonke iwusizo olukhulu kakhulu. Ukuze sishintshe ngokuphelele kumele sikhombe lesosono esifuna ukusiyeka ( kwabaseEfesu 4:22), kumele sihlole Imibhalo ukushintsha indlela esicabanga ngayo ( kwabaseEfesu 4:23) ngesono, ngathi uqobo, ngoNkulunkulu nangabanye, futhi kumele sichaze kahle ngokucacile ukuthi iyiphi indlela elungile ekumele senze ngayo ( kwabaseEfesu 4:24) kulowomzuzu lapho silingwa ukuthi sense lesosono esidala futhi. Lapho ke sizoshintsha ngendlela uNkulunkulu ahlose ukuba thina sishintshe ngayo, njengoba incwadi isho, ngqo ngokwamazwi ayo, yesi-2 KwabaseKhorinte 3:18 “kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye”.
Okokugcina, thola lonke usizo ongaluthola. Hamba uyofuna ukwelulekwa kulabo abakhululile kunawe ngokomoya ( kwabaseGalathiya 6:1). Sebenzisa ngisho nosizo lwalowo ovame ukumona ngoba angasibona lesisono kanye nesidingo sokuthi ushintshe ngaphezu kokuba mhlawumpe wena ubona ( ngokukaMathewu 18:15). Ungaqedwa amandla ngenxa yobunziba obubakhona ngasekuqaleni kwempi, ngoba kukhona umvuzo omkhulu ( kwabaseGalathiya 6:8-9).