Ukufisa ukwazi ngento ethile kuwusizo olukhulu ekuthuthukeni ngolwazi, lokho kuyiqiniso impela nase kufundeni kwakho iZwi likaNkulunkulu Elilotshiwe. Isikhathi esiningi yizahluko ezingalindelekile eMbhalweni ezisinikezela ngomqondo wenhloso nenjongo kulokhu kuphila. UGenesisi 5 ezinye zezahluko zalolohlobo.
Kusuka kuvesi-3 kuya kuvesi-32, indlela ahamba ngayo lamavesi aphindaphinda iphethini efaka incindezi yalokhu:
Ufunda [ igama elingajwayelekile] bese kuthiwaphila, bese uthola[ izinombolo ezinkulu] zeminyaka, bese kuthi wazala, uphinde futhi uthole[ elinye futhi igama elingajwayelekile] uphinde futhi ufunde ukuthi ngemuva kwalokho waphinde waphila, bese uhlangabezwa futhi yilokhu [ izinombolo ezinkulu, njalo ziyakhula] zeminyaka, bese kuthi wabe esefa.
Kungubufakazi obudumazayo bempilo yasemhlabeni oqalekiswe ngesono. Impilo kwakufanele ibe ingunaphakade, kodwa yafinyezwa yaba iminyaka engamakhulu ( ngemuva kukaZamcolo yaphinde yehliswa kakhulu yaba yi-80!). Iqiniso elidumazayo kukona konke lokhu ukuthi “wayesefa”. Lokho ukugcwaliseka kwesixwayiso esanikezelwa kuAdamu noEva eNsimini yaseEden ( iGenesisi 2:17).
Kodwa, uma ubheka kuGenesisi isahluko sesi-5 ngeso lokufisa ukwazi kabanzi, kunezingxenye ezimbili ezikukhangayo. Ngayinye ngokubabazisayo inqamula lephethini ekulesisahluko sonke.
Ingxenye yokuqala imayelana nendoda igama layo ngu-Enokhi.
Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela. Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi. Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365. U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
Genesis 5:21-24
Ukwengezwa kokuthi uEnokhi wayehamba noNkulunkulu ( kabili!) bese kuba isiphetho sempilo yakhe yasemhlabeni esimangalisayo, Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha, lokhu kuyasimangaza ngendlela ebingalindelekile. Uma ubuthe ukubanjwa yisithongwana ekufundeni kwakho kuze kufike kuvesi 21, la yilapho osuphaphama khona. Maphakathi nokulandiswa okukhathazayo ngokuphila kulomhlaba oqalekiswe ngesono, kukhona lokhu, okuthi-shazi,okusibhekisa kafushane kwiqiniso lokuthi kushukuthi empeleni ukufa akusona isiphetho sempilo. Wonke umuntu ( mhlawumbe ngaphandle kuka Enokhi) angaphetha impilo yakhe ngokufa, kodwa uNkulunkulu lokho akumuphazamisi ndawo, bese kubukeka engathi kukhona impilo noNkulunkulu ngemuva kokuphila kwalapha emhlabeni. Lokhu kuphila kwalapha emhlabeni okuphetha ngokufa, kuyakwazi ukuhlengeka ngokuhamba noNkulunkulu. Angithi nje lokho kusayiqiniso nanamhlanje ukuthi labo abamesabayo uNkulunkulu abahamba ngezindlela Zakhe babona kahle konke ukona nokuhlupheka kwakulomhlaba?
Okufanayo kuyiqiniso maqondana nokuphazamiseka kwiphethini ebanga ukudangala kaGenesisi 5. Manje-ke lokhu kunqamuka kungoLameki ( lona ungamdidanisi nalo omubi onegama elifana nelakhe okwisahluko 4):
Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana. Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.” Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 31Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.
IGenesisi 5:28-31
Into ekwenza lokhu kugqame kulesisahluko ukuthi akusikona ukuqoshwa kwempilo nokufa yomuntu kuphela, kodwa nokuqoshwa kwamazwi omuntu. Lomusho owodwa kaLameki walotshwa phansi ulotshelwa bonke labo abokholwayo ukuthi babone ukuthi labo abazi isimilo sokuthembeka sika-“SIMAKADE” bahlezi bephila impilo yethemba. USIMAKADE uzonikezela ngokukhululwa kulokhukuphila okuyizeleze.
Ngakhoke, uma uvuka ekuseni, uphelelise inqubo yakho yosuku, uphinde futhi uvuke ngakusasa ekuseni, uqedele eminye imisebenzi yenqubo yakho yosuku, khumbula ukuthi kukho ukukhathaza okungashintshashintshi kwalempilo, kukhona injongo eqondene nalabo abahamba kwizindlela zikaNkulunkulu, nethemba lalabo abazi uNkulunkulu.
Lempilo yalapha emhlabeni ephetha ngokufa
Ingahlengeka ngokuhamba noNkulunkulu
–Isifundo esithathelwa kwimpilo kaEnokhi