Kulokhu kuphila kunezinto eziphakeme kakhulu kunengqondo yomuntu. Okungeke kwabakhona namunye kubantu bonke ongakwazi ukuchaza ukuthi zenzeka kanjani(UMshumayeli 3:11). Kodwa uma sibheka isimilo noma izindlela zikaNkulunkulu sigculiseke nangalokho esingenakufinyelela ukukuqonda ngemiqondo yethu. Kodwa konke lokho kwenziwe ngenhloso eyodwa, ukuba thina njengabantu simesabe uSimakade (UMshumayeli 3:14).Lokhu kwenziwa ngukuthi izindlela zikaNkulunkulu ziphakame ( Izaya 55:8-9).

Ezinye zezindlela eziphakame zikaNkulunkulu ekumele sizamukele bese sigculiseka noma singeke siziqonde ngokuphelele ukuthi:

Abacebile nabampofu bayefana bonke benziwe nguSimakade

IZaga 22:2

Lokhu akukhuthazi ubuvila kwabangafuni ukusebenza, nobugebengu kwabathanda imali.

Uma uJakobe ebhalela abazalwane ababengaphansi kwenkulu ingcindezi kanjalo nezikhubekiso ezazingavela ngenxa yezigqinamba ababebhekene nazo uthi:

Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela

ekaJakobe 1:2

Ezinye zezikhubekiso azibalayo ezazingabehlela ngaphansi kwalengcindezi ababebhekene nayo ukuba umzalwane oswele wangazenyeza ngokuswela kwakhe, onothile abe nokuzidla ngenxa yengcebo yakhe. Kokubili lokhu kwakungaba yisikhubekiso kukho ukukholwa abakwamukeleswe ngesihle nguNkulunkulu. Lendlela ayebanikezela yona yokucabanga babhekane nezimo zabo ezehlukene, yiyo nami nawe esikholwayo kwisizukulwane samanje ekumele sibheke ngayo izimo zalokhu kuphila. Ukuhlakanipha abanikezela kona yilokhu:

Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe, noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani. Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.

ekaJakobe 1:9-11

Lowo ohluphekayo, kodwa ekholwa, makabheke okuyiyona ingcebo esiyiphiweyo ngomusa, ukuphila okungcwele kukaKhristu okusenze sabuyisana noNkulunkulu, ngaleyendlela sesinefa laphakade, ingcebo esiyakuyamukeliswa singaphinde siselwe ( Efesu 1:13). Kanjalo lowo onothile, akaqaphele ukuhlupheka akwamukelisiwe okuyisibusiso esidlula ingcebo yalelizwe (ngokukaMathewu 5:3). Bese eba nokuqonda ukuthi ingcebo yalelizwe nobuhle eza nabo kukhona namhlanje, kodwa kusasa akusekho.

Kuneculo elaliculwa ezikhathini eziphambili, elithi “iziphithi phithi zalapha bazingangiphazamisi qha, ngize ngilulahle ukhola lwami”. Ukuhlupheke kwalapha, nengcebo yalapha makungasiphazamisi qha! Ubudlelwano thina esikholwayo esinabo noNkulunkulu abuyi ngesimo sempilo esingaphansi kwayo kodwa ngokulunga esikwamukelisiwe ngokukholwa kuJesu Khristu.

Ngakho ke naka amazwi ekumele abe yiculo lokuvuka ekuseni, nokulala ebusuku, lokuthokoza kwizinga lempilo iNkosi esibeke ngaphansi kwalo (IZaga 22:2)

  …ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe, noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe….

Kokubili lokhu kuze ngokuphila esakuzuzelwa ngokunikelwa kukaJesu esiphambanweni.