Abantu baseKhorinte bezikhathi zeTestamente Elisha babengezona izibonelo ezinhle zothando. Basebengene shi othandweni olwaluchazwa ngamasikompilo abo angenandaba noNkulunkulu nezinhliziyo ezigcwele isono. Kodwa uNkulunkulu wayesenza ushintsho kubona. Maphakathi nokunikezelwa isifundiso/bekhuzwa maqondana nezinto eziqondene nokwenziwa ebandleni ( 1 kwabaseKhorinte 12-14), uNkulunkulu waloba lenkondlo emayelana nothando ngaphambi ngokuqhubeka nesifundiso.
Lena yinkondlo ngothando lapho uthando beseluhambe kabi isikhathi eside. Nali ihumusho layo ngesiZulu.
1 kwabaseKhrorinte 13:4-8aLoluthando luyabekezela,
lumnene loluthando;
alunamhawu,
aluzigabisi,
aluzikhukhumezi;
aluziphathi ngokungafanele,
aluzifuneli okwalo,
alucunuki,
alunagqubu;
aluthokozi ngokungalungile,
kodwa luthokozela iqiniso,
zonke izinto luyazisibekela,
zonke izinto luyazikholwa,
zonke izinto luyazibekezelela,
loluthando alusoze lwaphela.
Ngeke wakhombisa loluthando ezimweni lapho uthando selubheda?