Kunenkulumo eyinkinga kakhulu, esusa ngisho nomsindo uma ike yaphathwa. Lenkulumo seyenze ukuthi abantu abangakholwa bazonde abantu abaziwa njengokuthi “osindisiwe”. Ngenxa yokuthi abantu abasindisiwe bathi amadlozi amadimoni. Lokhu kushiya isibazi esinzima enhlizweni yomuntu otshelwe lawomazwi, ngoba ecabanga ukuthu “ungasho kanjani ukuthi uMama wami, noma uBaba wami owangikhulisa kahle kanje, bese uma esefile bese uthu idimoni. Lokhu ukushiso ukuthi yena uthi abantu abemenzele okuhle idlozi elihle, elizomlethela izinhlanhla. Nansi inkinga lapho ikhona. Lona ocasukile ucasuka kufanele. Lona osindisiwe yena, lenkulumo uyikhilume ayangacaca ngokuphelele kahle, njengo kweMibhalo, kodwa inkulumo yakhe ineqiniso.
Kunamaqiniso ekumele siwacacise.kulenkulumo: “Amadlozi” akhona kanti nama-“Dimoni” akhona.
Kodwa ukuyibeka ngononina lenkulumo sibheka ngobuhlakani okuyibo obanquma ukuba khona kwempilo yonke, iZwi LikaNkulunkulu:
Amadlozi (noma Okhokho)
Amadlozi noma abantu bakithi asebalala, noma okhokho, imiphefumulo yabantu abake bazalwa, baphila, bazala nabo, nababazalile, nabo bazala njalo njalo. Umuntu ngokuzalwa uyithambo lamathambo alabo abamandulelayo. “Isizukulwane siyafika, sedlule” (Umshumayeli 1:4)
Amadimoni
Izingelosi, ezavukela umbuso kaNkulunkulu zikanye noSathane (UHezekeli 28:13-16), zikhona emhlabeni (Isambulo 12:9). Embhalweni zibuye zibizwe “ngeMimoya engcolileyo”( ngokukaMakhu 5:13), noma “Amadimoni” (ngokukaLukha 8:31). Lezizidalwa, maduze zizophonswa echibini lomlilo okungukubhekana nolaka lukaNkulunkulu (ngokukaMathewu 8:29)
Ngakho uma sikuqhathanisa lokhu kokubili, akekho umuntu okuthi uma sekuhlukana umoya wakhe nomzimba bese abe yingxenye yalezizingelosi ezalahlwa. Uma umuntu efa kwenzeka into eyodwa kuye. Uya kokwahlulelwa. Akabuye abe namandla amahle noma amabi wokuzitanesela, agcaluze, emhlabeni noma ezulwini. ( ngokukaLukha 16:19-31)
Lezizingelosi ezibekelwe ukwahlulelwa, yizo lezi ezibizwa ngamadimoni. Ngokwentando kaNkulunkulu yokwenza kwakhe izinto, akhona ayazulazula emkhathini. Aba nomthelela futhi ezimpilweni zabantu. Hhayi, abohlanga oluthile kuphela, kodwa kuwona wonke umuntu, wohlanga lonke, nezizwe zonke. Zonke izinto eziphambene noNkulunkulu, nezenkolo imbala, anomthelela kuzona (Kwabase-Efesu 2:2; 6:12), ayazi nokuthi uNkulunkulu ukhona aze athuthumele, ayazi nokuthi uJesu ungubani kodwa akukho kuwona ukuphenduka (ekaJakobe 2:19, ngokukaMathewu 8:29)
Ngakho kubalulekile ukukwahlukanisa lokhu. Abantu basemakithi uma sebendele kwelikamoya, akukho okuphinde kubahlanganise nempilo yasemhlabeni. “abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.” (Umshumayeli 9:5-6). Futhi ababi ngamadimoni, baya ekwahlulelweni (amaHebheru 9:27). Kodwa amadimoni,nawo angofakazi, ayazi abekelwe isikhathi lapho ezojeziswa khona ngokuvukela uNkulunkulu, kanye nangomonakalo awenza nawenzayo emhlabeni kuzizukulwane zonke. (ngokukaMathewu 8:29)
Ngakho inkulumo yalowo osindisiwe kumele icace ukuze lowo ongakholwa ezozakhela yena isinqumo. Uma efikelwa ukunganami kube ngukuthi yingoba engalifuni iqiniso likaNkulunkulu, kodwa kungabi ngenxa yencazelo engacacile evela kokholwayo.