Ngakube uyiqaphele ngokuvamile insindiso yethu futhi uyambonga uNkulunkulu njalo ngenxa yayo futhi uyamdumisa ngenxa yayo? Mhlawumbe siyasalela ngemuva kancane ukuvama ukumdumisa ngensindiso ngoba insindiso isiyehlisiwe isithunzi kakhulu yilabo abazibiza ngaMakrestu abagcwalisa amasonto kodwa bahluke kancane kunalobo abangakholwa.

Kungenzeka usake wayibona impophoma ethiwa iVictoria falls, mhlawumbe wakhuphuka intaba iKhilimanjaro, wabona ukuzalwa komntwana, wabona umhlaba wena uphezulu ngaphandle kwayo ( ngisho kungaba ku Google Earth), ngisho ungakhuluma kangakanani ngakho, ungacabanga kangakanani ngakho ngendlela yokuthi uyakuphinda phinda emqondweni wakho, konke lokhu akuyilutho uma kuqhathaniswa nobunjalo obumangalisayo obusezingeni eliphezulu lwensindiso kamoya.

Insindiso yinhle kakhulu, iyamangalisa, ingaphezu kokuqonda kwethu.

Insindiso ikushiya ubambe ongezansi.

IHubo 42, eliqala ngamazwi aziwayo kakhulu “njengendluzela ilangazelele amanzi emifula kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu” liqhubeka namazwi okuziluleka afaka nalomyalelo ophindwe kabili (vesi 5,11):

Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na?

Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.

Uyaluqaphela ushintsho kusuka kwisimo sikamoya esingesihle kuya kwisimo sikamoya esijabulisayo kakhulu emphefumulweni walona Ohubayo?

Abazalwane eJerusalema babegcwele ukumesaba uNkulunkulu ngenkathi uSawuli, owayengumzingeli wamakholwa, esindiswa. USawuli, owabe esebizwa ngoPawuli, bamumangaza ubuqiniso bensindiso, eyakhe kanye neyabanye abasindiswa, ngangokuba uma ebhalela abazawlane incwadi wayengakwazi ukuyiqala ngaphandle ngokunaba ngokucacile ngensindiso yabo emavesini ambalwa, noma njengakwincwadi kwabaseRoma, kwizahluko eziyi-12! Ngisho nezincwadi ayezibhalela ibandla laseKhorinte, ibandla elathethiswa ngokuqinile, ziqala ngemicabango ethokozisayo yensindiso yabazalwane kulelibandla.

Insindiso iyamangalisa, ngoba insindiso iwuShintho Oluphelele.

Insindiso iwuShintsho Oluphelele olwenziwa kubantu. Kunjengokuthatha imoto erastile endala iVW Beetle (iselesele) uyivuselele ibe iV10 TDI, VW Touareg entsha sha. Kunjengokushiya isitshalo esifayo ezandleni zomlimi ongucwepheshe wezintshalo ubuye ngemuva kweviki isitshalo ebesesiphelelwa yimpilo sesigcwele impilo. Kunjengomntwana ophefumula okokuqala ngaphandle kwesibeletho.

UShintsho Oluphelele.

UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”

Izaya 12:2