Lokho Esikubhekile ngokuNgabaza izolo kungafingqwa kanje:
Ungakuhloniphi ukungabaza; futhi ungakwesabi.
Yazi iqiniso ngokungabaza, bese uyama uqine kwiQiniso.
Kunesahluko kwiTestamente Elisha esikhuluma ngokungabaza Amakhrestu abhekana nakho. Siyakwazi okuyiqiniso, kodwa kwesinye isikhathi siyalingabaza. Ukungabaza kwethu akukushintshi lokho okuyiqiniso, ngakho-ke uma sifuna ukuphila ekukhanyeni ngokuvelele, kumele sithole ukuthi kungani singabaza, bese sithola indlela yokuphuma kulesosigodi esingabuyiseli ngalutho sokungabaza bese sesihamba ngesibindi kwiqiniso.
Ekupheleni kwencwajana ekaJuda, kunesifundo sokweluleka esingokungabaza. Siqala ngokuchaza ukuthi uyini umthombo wokungabaza.
Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe kini phambilini ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Khristu. Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola”. Yibo laba abadala ukwahlukana bengabemvelo, bengenaye uMoya.
EkaJuda 17-19
Ukungabaza akusukeli kumthombo omuhle. Konke ukungabaza kukhona ngenxa yokuthi kukhona ababhinqayo—labo abadelela iQiniso nalabo abalaziyo. Inkinga yabo akukona ukungabibikho kweQiniso elisobala, kunalokho ukubakhona kokungathandi ukulilandela iQiniso ngoba lingagculisi lokho abakushisekele empilweni. Okulandela lapho, kumele kube khona abakwenzayo ngeQiniso, ngakho ke batshala ukungezwani phakathi kwalabo abalikholwayo iQiniso, bathatha indlela yelizwe yokucabanga, bamelane nakho konke ukukhuthaza kukaMoya Oyingcwele. Ngisho naseNsimini yaseEdeni kwakungekho ukungabaza kwazekwafika isikhathi lapho kufika lowo obhinqa uNkulunkulu wabe esephakamisa ukushisekela okungalungile kwaba ngaphezu kweqiniso elisobala. Ukungabaza akuyona into evele ikhona—kungumphumela wabangalungile.
Ngakho isisombululo sokungabaza kulabo abakholwayo silula
Kepha nina bathandekayo zakheni, nigxile ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade
EkaJuda 20-21
Uma kokhona okungabazayo okuyiqiniso ngoNkulunkulu, ngalempilo, nangempilo yakho, hamba uyophinda futhi ufunde iBhayibheli. Thandaza njengalokho uMoya Ongcwele Akufundisa eZwini Lakhe eliNgcwele. Zikhumbuze ukubonakala ngobufakazi okusobala kothando lukaNkulunkulu Analo ngawe nothando onalo Ngaye. Ukungalilahli ithemba kumzuzu wokubhekana nobunzima, ngoba umusa weNkosi yethu uJesu uyeza, uzosisiza ukudlula kulokhu kuphila sisze singene ekuphileni okuphakahumbuze lokho okuyiqiniso. Ukukholwa kwakho kuchazwa ngokokwahlukana okungcwele nalelizwe, ngoMoya Oyingcwele, ngothando lukaBaba, kanye nangomusa weNkosi yethu uJesu.
Kodwa uJuda uyaqhubeka. Uma usuzi lulekile maqondana nezikhathi zakho zokungabaza, qiniseka ukuthi usize abafwenu nodadewenu abasabhekene nomzabalazo wokungabaza nabo.
Nibahawukele abanye abangabazayo.
EkaJuda 22
UJuda uphetha ngesiqinisekiso esihle kakhulu salokho okuyiqiniso elimsulwa ngoNkulunkulu nokuthi libathinta kanjani labo abakholwayo. Phendula ukungabaza kwakho kube wumkhuleko oyihubo elifushane kusuka manje kuyaphakade naphakade.
Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.
EkaJuda 24-25