Elinye lamaculo ayeculwa endleleni eya kumgubho wonyaka eJerusalema kwakuyiHubo 130. Ungazibuza  ukuthi yikuphi ukucula amaculo omgubho okuhlangene nokulahlwa yicala lesono sakho, yilapho la iHubo 130 linikezela impendulo ebalulekile kakhulu.

Ngaphambi kokuba ungakwazi ukuza uzokhonza ngentokozo, udinga ukuba ukulahlwa yicala kunembeza lesono sakho kususwe. Kungakho, ngenkathi kulungiselelwa imigubho emihle kwiThempeli, amakholwa akudala ayegxila ekubeni bucayi kwesono, balulekane maqondana nesiqiniseko sokuxolelwa, bese bayakucula lokho komunye nomunye endleleni yabo eya lapho beyokhonza khona.

Njengoba isihloko seHubo 130 sisho, yihubo lokukhuphuka (yilabo ababekhuphukela eJerusalema).

Beseke ngokweHubo 130:1-3, yize isono kuqala siyicala kuNkulunkulu, siyaphenduka, hhayi ukufulathela uNkulunkulu, kodwa ukuphendukela kuye uNkulunkulu. Bephansi otweni lwengcindezi ngenxa yesono, babekhuleka kuNkulunkulu.

Uma siphendukela kuNkulunkulu, sekuyisikhathi sokudalula iqiniso ngesono sethu. Asikwazi ukufihla amaqiniso. Ngakho ke iHubo 130:3-4, siyavuma ukuthi, ngenxa yesono sethu, besingeke sikwazi ukuma ebukhoneni bukaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokuxolela kukaNkulunkulu, siyakwazi ukukhuleka kuNkulunkulu, bese siyamukelwa nguNkulunkulu osabekayo nongcwele.

Umphumela walapho, ngenxa yokuxolelwa kwezono, njengoba iHubo 130:5-6 liphinda, siyalangazelela ukuba uNkulunkulu eze. Siyalindela, ngokwethemba nangokulangazelela, lolosuku lapho uNkulunkulu eyakuza ezela thina—kungathi okwamanje kusawubusuku obude obumnyama, ukuza kukaNkulunkulu bona bungukusa.

IHubo 130:7-8 liphetha leliculo lokudangala ngenxa yezono zethu, lisikhumbuza ukuthi impela uNkulunkulu uzoza. Ukulindela kwethu ukuza Kwakhe akusikhona nje umuzwa wokuba kumoya wokuzama ukuzisiza, kodwa yiqiniso. Uzakuza ngempela. Uthando Lwakhe luthembeke ngendlela ethusayo. Izono zethu ziyakuxolelwa ngempela.

Kungabe uM-israyeli ngesikhathi sikaDavide noSolomoni, noma uMkhrestu ngesikhathi seBandla likaJesu, isono sisenza sibenecala, uNkulunkulu uyasixolela ukuze sizozwa ubukhulu benkazimulo, umusa, nothando Lwakhe.

Kwisikhathi lapho isono sikwenza ube ngaphansi kwengcindezi, udangale, balekela kuNkulunkulu, thola ukuzwa ukuxolela Kwakhe, bese ulindela ukubuya Kwakhe.