Elinye lamaqiniso athandwa ngaMakrestu, ukuthi njengalokhu insindiso kuyinto ebesingenakukwazi ukuzenzela yona, UNkulunkulu uyenzile. Ngamandla Akhe amakhulu, UNkulunkulu usindise izoni. Kodwa, umbuzo ukuthi: “ngingaqinisekisa kanjani ukuthi uNkulunkulu ungisindisile? Incwadi 1 kwabaseThesalonikha 1 iyasinika impendulo kulombuzo.

Ngingaqiniseka kanjani ukuba uNkulunkulu ungisindisile?

Siyazi ukukhethwa kwenu nguNkulunkulu, bazalwane abathandiweyo…

  1. Ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ukusindisile uma walizwa ivangeli owalikholwa ngesiqiniseko

ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu.

  1. Ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu wakusindisa uma leso siqiniseko sikamoya saholela ekwenzekeni kwempilo yakho ukuba ifane nekaKhristu njengoba kwenza umfundisi wakho kanye nabelusi ebandleni

njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu. Nani naba ngabalingisa thina neNkosi.

  1. Ungaqiniseka ukuba uNkulunkulu wakusindisa uma uzicwilisa kakhulu kuwo uMbhalo ngisho nasezikhathini ezinzima

ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele

  1. Ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu wakusindisa uma impilo yakho isenthsenziswa nguNkulunkulu manje ukubonisa ukuthi ukuphenduka kweqiniso kunjani kanye nempilo yokukholwa ephokophele ezulwini ukuthi ibukeka kanjani

ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya. Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho.Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso; nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.

Vivinya umphefumulo wakho ngalobufakazi bomsebenzi wokisindisa kaNkulunkulu. Ngakube uyasho nje ukuba usindisiwe, noma ngempela uNkulunkulu ukusindisile?