Ziningi izinto ezenzekayo usuku nosuku emhlabeni wonke.UNkulunkulu akengamele kuphela izenzo kanye nezigameko zonke, kodwa uyakulawula konke ekwenzela isiphetho esihle asimisile Yena.

Lokho uJosefa akusho ngabantu abakhohlakele kuGenesisi 50:20, kuyiqiniso ngazo zonke izenzo ezenziwayo usuku nosuku. USolomoni wabhala inkondlo wabe eseyihlaziya kafushane ngasekugcineni ukusikhombisa lokhu.

Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayophansi komthunzi welanga.

Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa;

isikhathi sokutshala, nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa;

isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;

isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka;

isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;

isikhathi sokusakaza amatshe, nesikhathi sokuwaqoqa;

isikhathi sokugona, nesikhathi sokuchiliza;

isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa;

isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;

isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga;

isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;

isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda;

isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.

UMshumayeli 3:1-8 (IsiZulu 2020)

Nakhu lapho eseyihlaziya khona:

Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.

UMshumayeli 3:11 (IsiZulu 2020)