The context of spiritual warfare

Uma ucabanga ngempi kamoya, yisiphi isimo esike sikufikele? Ngakube ufikelwa wumqondo wesimo somuntu olungile onobunkulunkulu, owaziya ngobumnene bakhe? Ngakube ucabanga ngomuntu onedumela lokuchaza ngokucacile iVangeli, ukuzalwa kabusha, ukuzijwayeza ukwenza ubunkulunkulu, nokubekezela kwabazalwane?

Enye yezahluko ekwincwadi ethile eMbhalweni igxile kuhlobo lwezinto ekumele sizicabange lapho sicabanga ngempi kamoya yangempela.

Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. 12 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi

1 kuThimothewu 6:11-12

Ngakube ususenzile isivumo esihle sokholo oluholela ekuphileni kwaphakade? Ngakube uyazibalekela izinto eziphokophelelwe yilelizwe? Ngakube uphokophelele ukuphendula ngokulunga kwizimo zonke, nangempilo engcwele, ukuthembeka eNkosini, ukubekezela ngaphansi kwezingqinamba, nobumnene kubudlelwano onabo nabanye? Uma kunjalo-ke uyiso lesosimo salomqondo lapho  impi kamoya iliwa khona ngempumelelo. Lapho-ke uyayicima yonke imicibilisho evuthayo yomubi.

Yilapho sima khona siqine emsebenzini uKhristu awenzile kithina, nalapho siphila ngokusobala isithelo sikaMoya, okuyilapho sikhombisa ngobufakazi ukuthi uNkulunkulu impela ungakithi, nokuthi ngisho noSathane namadimoni akhe sebevele banqotshiwe.