“isono esisheshayo esisodwa sizoqenda zonke izinkinga.”
Ukuphila ngamanga njalo.
“Ukuhushula isisu okungenazinhlungu kanye futhi masinyane kuzoqeda isiphithiphithi empilweni izinto zibuyele kwindlela ejwayelekile.”
“Iphilisi elilodwa elincane lengqondo lizokunika ukuthula”
“Ubusuku obubodwa bokuphinga buzofeza izidingo zakho zomshado.”
Izinkulumo ezifuze lezi zijwayelekile. Ngisho nezibekeka ngendlela ‘ehloniphekile’ kunalezi ezingenhla.
“Ukuphendula ngolaka kanye nje kuzoxazulila izinkinga zosuku zokuba umzali.”
“Ukuqamba amanga kanye nje yikona okuzongitholela ikontileka yomsebenzi”
“Ukuhleba kancane nje kuzobungcina ubungani bami”
Konke lokhu kungamanga.
Ku 1 Samuweli 23:39- 24:22 INkosi uDavide ekugcineni iba nethuba lokuqeda nya ngenkinga enkulu ebisiyilandele isikhathi eside. INkosi uSawule ubengeke angabaze ukulithatha lelithuba, kodwa ngokulungileyo iNkosi uDavide walinqaba. Izizathu eziningi ezinhle zinganikezelwa ukuthethelela isenzo esisodwa esincane sikaDavide ukuqeda zonke izinkinga zakhe, kodwa wenqaba.
Lesi isifundo esihle kubona bonke abesaba uNkulunkulu. Ungenzi izaba ezinenqondo ngenxa yokushisekela kwakho okugqugquzelwa isono uma ubhekene nezikhathi ezinzima. Uma sibhekene nezikhathi ezinzima empilweni siyahluleka ukuqhubekela ekubeni nobunkulunkulu- ngakho uma sibhekene nezikhathi ezinzima asiqaphelisise itshiseko yokufuna ukona. Izikhathi zobunzima obukhulu azenziwa ngcono ukwenza isono esincane nje.
Izinkinga zomhlaba azenziwa ngcono ukufuna ukuziphindiselela, noma ukufuna indlela enokona phakathi. Kunalokho, izinkinga zomhlaba zenziwa ngcono ukuba ngcwele kwakho nokwethemba uNkulunkulu ngomphumela ozovela ngenxa yokulalela kwakho izwi Lakhe. Kungenzeka alethe isibusiso, njengakwisimo sikaDavide. Noma Yena uSIMAKADE angelula isikhathi sezinkinga, njengakwisimo sikaDavide kwincwadi ka 1 Samuweli.
Ukubhekana nezimo ezibuhlungu akusona isono, kodwa ukuzithethela ukwenza isono ngoba ufuna umphumela othize kuyisono. Ezikhathini ezinzima hlola inhliziyo yakho bese uyamelana nayo yonke imizwa elangazelele ukona.