Akusiyona imfihlo ukuthi lokho esikukholwayo ukuba kuyiqiniso ngempilo, nalokho okuyiqiniso ngempilo akuhlezi kuyinto eyodwa
Isibonelo, imoto yami inethangi lika phethiloli elimumatha amalitha awu-1,6, iyimoto ekwazi ukuthwala umndeni. Kwesinye isikhathi uma ngiyishayela izwakala engathi inqola yebhongolo edonswa yimbongolo egulayo, noma uma imicabango yami ithe ukuphazamiseka, ngicabanga ukuthi imoto yami iyimoto yomshayeli we-formula 1.
Iphuzu yileli, ukuthi ngicabanga kanjani, noma ngabe ulwazi lwami ngempilo lungakanani, futhi akukhathaleki ukuthi imizwa yami noma imibono yami ithini, ezinye izinto empilweni ziyiqiniso ngokungokwazo nje. Ukwenzeka kobunjalo bezimo abudingi ukuthi buze baziwe ukuze kuthiwe kwenzeka. Ukwenzeka kobunjalo bezimo akudingi ukuthi kuvunyelwane ngakho ukuze kuvunyelwane ukuthi kuyiqiniso. Ukuthi angiliboni iqiniso ngohlobo lwemoto yami, lokho akushintshi lutho ngemoto. Lokhu kuyiqiniso noma sekuziwa kumaqiniso ezinto zikamoya.
Ubunjalo bamaqiniso kamoya amaningi akuncikile kwimibono nokuqonda komuntu lawo maqiniso kamoya.
Okusobala kakhulu ngalokhu inkolelo ethi uNkulunkulu akekho- ukuthi abanye bakholelwa ekutheni akekho uNkulunkulu lokho akumenzi uNkulunkulu anyamalale. Ukuthi uyakuphika ubukhona bento ethize, lokho akuchazi ukuthi leyonto ethile ayikho. Izinto zikhona, ukuthi lokho siyakuvuma noma siyakuphika akushintshi lutho ngazo.
Kanjalo amaqiniso kamoya akhona ezinhlizweni zethu noma ngabe lokho siyakuvuma noma siyakuphika. Kulabo abanamaBhayibheli, abanakho ukuzilandulela ngokunganaki, noma ngokuphika amaqiniso kamoya emiphefumulo yethu.
Incwadi ka -1 EkaJohane 1:8-10 ikhuluma ngeqiniso lesono ezimpilweni zethu. Abanye bangakuphika lokhu ngezindlela ezahlukene, kodwa thina njengabazalwane, siyalivuma iqiniso lokuthi isono siyingxenye yezimpilo zethu.
Isono sikhona ngokweqiniso. Ukuphendula kwakho kuleloqiniso kuveza ngokusobala isimo sakho sempilo kamoya. Kukhumbule lokhu esikhathini esilandelayo lapho kukhona osondelene nawe oveza leliqiniso. Kunokuba usiphike, sivume. Labo abalaziyo iqiniso ngesono, bakholwe iqiniso lesono ezimpilweni zabo, abavumayo ukuthi isono sabo sikhona ngokweqiniso, bathola ukuthethelelwa nethemba lokuguquka.