KuLukha 16:29 uJesu uphendula ngalamazwi kwisicelo sendoda efile esasiphathelene nesixwayiso kubafowabo abahlanu.

‘Abafowenu banemithetho kaMose nemibhalo yabaphrofethi, mabalalele bona.’

Kunezahluko eziningi kwiTestamente Elidala lonke ezinikezela ngeVangeli ngokucacile. Mhlawumbe edume kakhulu ile ekwi-IDutheronomi 30. Lena kwakuyimizamo yokugcina kaMose ukuba afundise iVangeli, kwisizukulwane sakwa-Israyeli, ngokungena Ezweni Lesithembiso. Landela isahluko lapho iVangeli elingabalelwa isikhathi lichazwa ngemiphumela yaseZweni Lesithembiso kulesizukulwane sangaso lesisikhathi.

Uphila emhlabeni kaNkulunkulu, uyawuzwa umsebenzi Wakhe ( vesi 1).

“Kuyothi lapho zonke lezizinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,

Udinga ukuphenduka (vesi 2).

bese uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ulalela izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho,

Lapho ke uNkulunkulu uyakukukhombisa uzwelo akubuyisele Kuye (vesi 3-5)

khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona. Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakukuqoqa, akulande lapho. USimakade uNkulunkulu wakho uyakukubuyisela ezweni okhokho bakho abalidlayo, nawe uyakulidla. Uyokwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kokhokho bakho

USimakade uyakwenza umsebenzi wokuzalwa kabusha enhlizweni yakho ( vesi 6)…

USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.

…bese kubekhona umphumela wempilo yokulalela (amavesi 7-10).

USimakade uNkulunkulu wakho uyakubeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo nabakuhlukumezile. Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho, uma nje ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcina imiyalo nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

Cabangisisa ngokuzimisela ngalokhu futhi ungazenzi izaba ( amavesi 11-14).

“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’ Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.

Yenza isinqumo esicacile ngokuthi uzokwenzani, kodwa balisisa, ngoba ukuthatha konke noma awuthathi lutho (amavesi 15-20).

Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi, engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.“Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, ngiyaqinisa kini namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; izinsuku zenu aniyukuzandisa ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo, nilidle.“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho, umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.