The shortest verse on Spiritual Warfare
ekaJakobe 4:7 kumele kube yilona ivesi elifushane kunawowonke amavesi eBhayibhelini akhuluma ngokulwa noSathane.
Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela
ekaJakobe 4:7
Yize noma thina njengabantu sisezingeni eliphansi kakhulu kunamadimoni ngokwamandla ( kodwa hhayi ngokomqondo wokuba ‘ngumfanekiso kaNkulunkulu!), sithenjisiwe ukuthi usathane uzosibakela lapho simelana naye. Njengokukhombisa kwemiyalelo emibili yokuqala kulelivesi, simelana noSathane uma sithobela uNkulunkulu
Lemiyalelo yomibili ngokweqiniso inobudlelwano obusobala. Uma ulokhu uzifaka ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu ukholwe uphinde uthobele konke Akutshela kona, yilapho uzolokhu umelana nayoyonke into uSathane ayiyo nayimele. Ngokufanayo, uma ulokhu uzithiba kwizilingo zikaSathane nezindlela zokucabanga azikhiqizayo kulomhlaba, yilapho ke la uzobe uthobela uNkulunkulu kukona konke okucabangayo nokwenzayo.
Yize incwadi-ekaJakobe 4:7 ikubeke kafushane, kukhona okuningi kwisifundiso sikaJakobe ngempi kamoya. Ku- ekaJakobe 4:1-3 uyasiyala ukaba siyeke ukulawulwa yimizwa yethu. Ku-ekaJakobe 4:4-5 uyasikhombisa ukuthi izindlela zokucabanga nezokuphila zalelizwe azihambelani kanjani nokuba ngumntwana kaNkulunkulu. Ku- ekaJakobe 4:6 uyasithobisa ngokusikhumbuza ukuthi ayikho into esingayenza ngokungokwethu kodwa ngokuphelele sincike kumusa kaNkulunkulu onikezelwa kuphela kulabo abazithobisile. Bese, emva kwevesi elifushane kunawowonke akhuluma ngempi kamoya, uJakobe uyaqhubeka kwisahluko 4:8 ngokusibuyisela emuva kuNkulunkulu, esiyisa kude nesono esikwindlela yethu yokuphila. Uyabona, impilo yonke yoMkhrestu iyingxenye yempi kamoya, futhi iqiniso elimsulwa wukuthi uma uba sesemweni esilungile noNkulunkulu, lapho-ke uzobe ungazinikeli kuSathane bese yena uzohamba.