Isisho sabazali ngokubaluleka nesithunzi sokuqoqeka nenhlanzeko aziswelakele. “Akuqoqeke endlini”, “Akubonakale endlini ukuthi kuhlala abantu”, izisho ezifana nalezi nginesiqiniseko uzijwayele, ungacabanga nezinye ezifika emqondweni njengamanje.

Ukuhlanzeka ngokweqiniso yiphuzu eliveza ukwenziwa komyalelo othi “Thanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena”, kodwa njengalokhu kuvamile ngoMbhalo, lamaqiniso akhomba ukwenziwa kwezinto ngendlela enebhalansi. Kwesinye isikhathi ngamunye wethu sidinga ukukhujuzwa ukuthi siqaphelisise kanjani uma siklina, noma iyiphi indlela okungamele sikline ngayo eduze nathi. Kwezinye izikhathi siyadinga ukuxwayiswa maqondana nokuthanda ukuhlanzeka ngokudlulele ezinhlizweni.

Ngakho ke, incwadi yeZaga inikezela iqiniso elimnandi ukwenzela ukuba kubekhona ibhalansi.

Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho,
kepha isivuno esikhulu siba khona
ngenxa yamandla ezinkabi.

IZaga 14:4

Isithombe sicacile sisobala. Umfama angakuthanda ukuhlanza umkhombe (isibaya), kodwa ukuze akwenze lokho kuzodingeka ukuthi akhiphe umhlambi wezinkomo kuqala. Kodwa uma ezoyigcina imfuyo yakhe, udinga ukubona ukuthi isibaya sizoba nephunga elibana, kodwa ingeniso azolizuzelwa yiyo lemfuyo liyakuba isibusiso kwabaningi.

Kumele ukuhlanzeka kwakho ukubhalinsise nokuba wusizo. Uma ukungaqoqeki kuvimbela ukuthi kubekhona izinto ezingenzeki kahle, sukuma ukline. Kodwa uma ukuhlanzeka kwakho kukwenza ungabi nethuba elihle nabanye abantu, lapho kuzodinga ukuvumele lokho kungaqoqeki okuncane, wazi ukuthi ukuze kwenzeke okukhulu, kuzoba khona ukungaqoqeki okuncanyane.

Hamba, uyothatha ezinye izinto ezinokwenza nempilo, bese uyakubheka lokho kwincwadi yeZaga ukuze uzothola ibhalansi nakulokho.