Kwisandulelo seMacArthur Study Bible, uJohn MacArthur unikezela amazwibela ezihloko nenhloso yeMibhalo:

Munye uNkulunkulu. IBhayibheli likhuluma ngoMdali oyedwa. Liyincwadi eyodwa. Liyicebo elilodwa lomusa,kusukela kwisiqalo salo, kuya ekwenzekeni kwalo, kuze kube sekuphelelisweni kwalo. Kusukela ekuhleleni kukaNkulunkulu ngaphambili kuya ekukhazimulisweni, iBhayibheli liyindaba kaNkulunkulu esindisa abantu Bakhe abakhethiwe lokhu ekwenzela udumo Lwakhe. Njengalokhu izinhloso necebo lokusindisa likaNkulunkulu kuvela eMbhalweni, zinhlanu izihloko ezilokhu zivela ezisinikezela izithombe ezithile emqondweni ezilokhu zigcizelelwa ngokungashintsha-shintshi:

  1. Ubunjalo bukaNkulunkulu
  2. Ukwahlulelwa kwesono nokungalaleli
  3. Isibusiso ngenxa yokukholwa nokulalela
  4. INkosi uMsindisi nomhlatshelo ngenxa yesono
  5. Umbuso nenkazimulo okuzayo

Njengalokhu usaqhubekela ekulandeleleni ukuqonda okungcono kweMibhalo, gcina lezizithombe ezilokhu zivela emqondweni wakho. Kukona konke ukufunda kwakho, zibuze ukuthi isahluko esithize sikufundisani ngemvelo kaNkulunkulu Qobolwakhe. Qaphelisisa izihloko ezikuluma ziphindelela ngokwahlulela ngenxa yokungalaleli nangezibusiso ngenxa yokulalela. Sebenzisa lamaqiniso atholakala eZwini empilweni yakho bese ufunda ukuthi ungakholwa futhi ulalele kanjani ngaphandle kokuthi unyakaziseke. Khumbula njalo ukuthi Ngubani owenze kubekhona insindiso yakho, bese uthokozela iqiniso lokuthi ngelinye ilanga Uzobuya ezele wena.