UMphostoli uPawuli wazigcina enonembeza omsulwa emsebenzini wokushumayela ivangeli ngokuqinisikesa ukuthi ushumayela iqiniso likaNkulunkulu ( 2 KwabaseKhorinte 2:17), iqniso eliphelele likaNkulunkulu ( IZenzo 20:27), engashumayeli lutho okunye ngaphandle kweqiniso likaNkulunkulu ( 1 kwabaseKhorinte 2:2)
Kodwa thina sonke ulwazi lwethu lweMibhalo linezimbobo. Ezinye zazo sibangwa ukuthi abadala ( noma ubuholi) emabandleni amaningi abanakho ukukholwa ngesiqiniseko ekushumayelene ivangeli uPawuli akungcina ngokusobala. Kodwa njengalokho uPawuli akhomba, imbangela akuhlezi kuyilowo oshumayelayo.
Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu lusuku lwanamuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke. Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu. Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.
IZenzo 20:26-28
Ukuqaphelisisa ibandla olihambayo nokuhlezi ukhona enkonzweni kubaluleke kakhulu uma sekuziwa olwazini oluphelele lukaNkulunkulu nezinhloso Zakhe anazo ngawe. Kunesizathu sokuthi kungani amabandla aphilile ekandela uhlobo lokufundisa Imibhalo oluhlekeli, ukulandela ivesi nevesi kuleyoncwadi kuze kufike ekugcineni kwayo.Kunesizathu sokuthi kungani uhlelo oluhle lokufundisa uSonto Skole lifundisa izifundo ngokulandelana kwezincwadi zeBhayibheli ukwakha isithombe esicacile. Yilabo abaya kuwona wonke amaklasi kaSonto Skole othola bekulungele kahle ukuba abantu abadala. Yilabo abahlezi bephelela kwizinkonzo zonke okuthi ngemuva kwesikhathi babe ngaMakrestu azinzile navuthiwe
Wafakaza kahle omunye wabefundisi kuleliqiniso elithi ukuvuthwa emoyeni kuza ngokuba senkonzweni kanye ngeSonto ngesikhathi, ngaphezu kokuba kwezinye izinhlelo zebandla. Ngokufanayo, yilabo abenzelelayo ngalokho abakukholwayo ngeBandla elifundisa iBhayibheli, ngenxa yezizathu ezithile, abagcina benezimbobo olwazini ngoNkulunkulu abanalo, isikhathi esiningi uthole ukuthi lokhu abakunakile.
Ngakube umsulwa kwigazi labobonke, kubalwa nelakho, ngoba awuzange wahlehlela emuva ekuphokopheleni esifundisweni esiphelele, kukona konke okuyintando kaNkulunkulu? Ziqaphelisise uqaphelisise nebandla okhonza kulo.