The clues of the presence of Saving Faith
Kwincwadi yoku-1 ekaJohane 5:13 uMoya, ngoJohane, uyasitshela ukuthi singakwazi ukwazi ukuthi sinakho yini ukukholwa okusindisay kweqiniso.
Bese kuthi kwincwadi yonke yoku-1 ekaJohane uMoya enze uhlu lwezimpawu okuthi, uma uzibona, mhlawumbe zikhombe ukuthi ukholo othi unalo ngempela ukholo okuyilonalona, olusindisayo.
Nalu uhlu olufingqiwe lazo lezizimpawu
Isithelo soKholo esithathelwa kwincwadi yoku-1 ekaJohane 5:13
- Ngakube ukukholwa kwakho ngakube kuchazwa ngokobudlelwano noNkulunkulu?(1:3; 3:1)
- Ngakube uyasizwela isono? (1:8-10)
- Ngakube uyakhula ekuthobekeni ngokulalela/ ebungcweleni? (2:3-6; 3:3, 6)
- Ngakube uyakhula ekukwazini ukwahlukanisa izinto? (2:21; 4:1)
- Ngakube ukulindele ngentshiseko ukubuya kukaKhristu? (2:28-3:3)
- Ngakube uyazikhulekela izinto uNkulunkulu azithembisile bese uyazibona izimpendulo Zakhe? (5:14-15)
- Ngakube uyakubona ukukhula kwegebe nezwe?(2:15-17; 3:13; 5:19)
- Ngakube uyawathanda amanye Amakhrestu? (3:1, 17-18)
Qaphela: Akukho kulezizinto okungakwazi ukukunikezela ukholo, kodwa lokhu kuyisithelo esifakazela ukuthi ukholo umuntu athi unalo luyilonalona.
Khuleka ukuthi lokhu kukwenze uhlabeke ngokukholwa, bese uyaqiniseka lapho kufanele khona.