Ngiyathemba awubanga nakho ukulwahlekelwa ugqozi lokungena kulesisihloko, uma kube njalo, uwena impela osindingayo!

Ivila …

  1. Lihlezi linezizathu (Izaga 22:1326:13)
  2. Alinawo umqondo wokubona izinkinga elizifake kuzona, kodwa abasondelene nalo bayazibona ngokucace bha (Izaga 15:1919:1524:3026:16)
  3. Alilandeli uhlelo oluthize eluzenzele lona (Izaga 20:4)
  4. Liyakuthanda ukulala (Izaga 6:926:14)
  5. Lilindele impilo eza kalula (Izaga19:2426:15)
  6. Liyisidina kulabo abasondelene nalo (Izaga 10:26)
  7. Ngokuhamba kwesikhathi liyaxakeka ngenxa yezifiso ezingaphumeleli (Izaga 13:419:15b21:25)

Mesabe uNkulunkulu, ungabi ivila.