Incwadi kaJeremiya 29:11 ivame ukucashunwa ngisho nayilabo abazitshela ukuthi bangaMakrestu. Kodwa yimaphi amacebo uNkulunkulu ayenawo ngabantu Bakhe ngesikhathi uJeremiya ekuphrofetha lokhu? Futhi lokhu kuyithinta kanjani impilo yethu namhlanje?
Yikuphi ayekuchaza uNkulunkulu ngalokhu Ayekuphrofethile ngoJeremiya kuvesi 29:11? Nansi incazelo, ithanda ukuba yinde:
Amavesi 1-3
IBhayibheli ngokomsusa walo alibhalwanga lisuselwa kwizinkinga ezimbekene nawe (yize, ngokuka 2 Thimothewu 3:16-17 no 1 Khorinte 10:6,11 sifunda ukuba impela ukubhalwa kwalo liqondisiwe nakuwe). Njengoba lokhu kubhalelwe isizwe uIsrayeli phakathi kwesikhathi sika Mose nokufika kukaJesu kokuqala, siyazi kuthi zonke izinto zingengqikithi yombuso kaNkulunkulu wasemhlabeni, azikho nje ngengqikithi yensindiso. (okungukuthi ukuvikeleka ngokwezepolitiki, ezempilo yenyama nokuthola abantwana, imfuyo, nokumila kwezintshalo emasimini, kanye nokululekwa ngokomoya izona zonke izinto ezinika umqondo wesithembisa esingaphansi kwesivumelwano esenziwa kuMose sisuka kwiNkosi, uSimakade. bheka no IDutheronomi 7:6-16)
vv4-7
Labo okwakubhekiswe kubo lesisiprofetho kwakungamakholwa akwaIsrayeli ayephila ngesikhathi isizwe sonke singaphansi kokwahlulelwa, sisekudingisweni. Babekhuthazwa ukuba babekezele ngaphansi kokwahlulelwa futhi bame bethembekile. Isiprofethi empeleni sasiqonde ukuthi ngisho nangaphansi kokwahlulelwa kwesizwe, abathembekile yibo abayo Phumelela.
vv8-9
Kwakuvela abaProfethi bephrofetha ukuthula okuvela kuSimakade.Yize iziprofetho zabo zazigamanga kodwa zaziba nenhlansi yeqiniso. Kwisigaba sokuqala sika verse 10, siyabona ukuthi ngokokukhuluma kukaNkulunkulu ukuthula kuzofika ekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa. Ngakho kwakuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uzoletha ukuthula, kodwa hhayi ngesikhathi esasishiwo yilabaprofethi (funda kwisahluko 28:1-3 no 28:10-11). Kwakucacile ukuba leziziprofethi ezamanga ngoba uSimakade wayeshilo ngokusobala ukuba ukwahlulelwa kuzothatha iminyaka engamashumi ayisikhombisa (25:11-12).
vv10-14
Isizathu esasenza ukuba uIsrayeli okholwayo kumele athembeke iminyaka engamashumi ayisikhombisa eBhabhele kwakungenxa yokuthi uSimakade wayengalibele Isivumelwano Sakhe asenzile kubona. Lapho sekufike isikhathi sokuphenduka (v12) ekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa, yilapho izithembiso zikaNkulunkulu ziyakufezeka khona. Ngamanye amazwi, njengalokhu iminyaka engamashumi ayisikhombisa ingubufakazi bokuthi izithembiso zikaNkulunkulu zokwehlisela ukwahlulela ziyiqiniso (funda kuIDutheronomi 28:15-68), kanjalo isikhathi esilandela ngemuva kweminyaka engamashumi ayisikhombisa siyakuba ngubufakazi bokuthi izithembiso zezibusiso ziyiqiniso (funda kuIDutheronomi 28:1-14)
Indlela yokucacisa ukusebenzisa lamavesi ebhekise kwisikhathi samanje esiphila kusona
v10
izibusiso ezikuvesi 11 ziqinisekisiwe ukuthi ngeke zenzeke maduzane, kodwa ngokwencazelo yazo zisohlwini lweminyaka engamashumi ayisikhombisa.
v11
Lesi yisiqiniseko nje sokuthi uNkulunkulu akahluleli kuphela, kodwa ukuthi emva kokwahlulela kuzoba khona izibusiso. Akusona isithembiso, inkulumo yolwazi lukaNkulunkulu lokwazi ubuhle Bakhe anabo.
vv12-13
Ukuphenduka kuhlezi kuyingxenye yesiprofetho noma ngabe yisiphi esiphathelene nokushintsha kwezimo zisuka ekwahlulelweni seziya ekubusisweni (funda IDutheronomi 4:28-31; 30:1-10, “ukuphendukela kuSimakade” kwiTestamente Elidala kufana nokuphenduka ushiye izono kwiTestamente Elisha; 1 Amakhosi 8:46-50; Hoseya 3:4-5, kanye nezinye eziningi!)
v13
“ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke” HHAYI UKUTHI “niyakufuna izibusiso ngenhliziyo yenu yonke”
v14
Isikhumbuzo sokuthi yonke lenkulumo yesithembiso sikaNkulunkulu ngesibusiso esizakuza ihlobene neminyaka engamashumi ayisikhombisa kaIsrayeli usekudingisweni ezweni lase Bhabhele.
Ngakho empeleni uthini uJeremiya?
UJeremiya uthi njengoba isithembiso sikaNkulunkulu sokwahlulela siyiqiniso, labo ababephila ngalesosikhathi kumele bahlale bezingcwelisile ezweni ekungesilo elabo (Amavesi 4-7). Uyaqhubeka ngokuxwayisa abathunjiwe ukuba bangakholwa abaprofethi bamanga abanciphisa isisindo sokwahlulelwa ngoba benzela ukugxila kwisibusiso. Kunalokho, kumele bakhumbule ukuthi yize ukwahlulelwa kuzoba yisikhathi eside, akusikona ukuphela, ngoba uSimakade othembisa ukwahlulela uthembisa isibusiso lapho kukhona ukuphenduka.
Nakhu uNkulunkulu ayehlose ukuba bakwenze labantu ababe bhalelwe lamavesi, nakhu kuyalandela:
- Esikhathini sezinkinga, qhubeka uthembeke (amavesi 4-7)
- Uma kade wenze kabi wase uNkulunkulu eletha ukwahlulela, ungakholwa yilaba abashumayela ukuthula, isibusiso nengcebo (amavesi 8-9). Uma usabekezelele ukwahlulelwa (ngakube kungenxa yezono zakho, noma nje ngenxa yokuhlala ngaphakathi kwabantu abayizoni), khumbula ukuthi uSimakade akasiye kuphela uNkulunkulu ozithembiso Zakhe zokwahlulela zifezeka, kodwa Ozithembiso Zakhe zezibusiso zizofezeka ngesikhathi Asimisile Yena. (amavesi 10-11).
- Khumbula ukuthi uma kuqhathaniswa nokulandela abaprofethi bengcebo, ukuphenduka kumele kube yiyo indlela yokuphendula uma wahlulelwa. (amavesi 12-14)
Labo bokuqala ukwamukela lesisiprofetho basiqonda kanjani lesiProfetho? Labo abazingcwelisayo ababekhona ngaphakathi kwabo babazi ukuthi kugxilwe kukho ukuphenduka hhayi isibusiso: Daniyeli 9 (kakhulu ufunde amavesi 2,15-19)
Isithinta kanjani thina?
Yize uJeremiya 29:1-14 kwakungethina esasibhekene nenkinga kuze kubhalwe wona,kodwa ubhalelwe nathi futhi. Ngakho singawubheka ngayiphi indlela ukwenzela ukuba nathi sikwenze okushiwo ku Jeremiya 29:11? Kumele siwubheke ngendlela efanayo neyalaba bokuqala ababhalelwa wona! Ngaphandle kwezinto ezithinta ubuzwe noma umhlaba, leyo yingxenye yesivumelwano esanikwa ngoMose thina njengaMakrestu esesingeke sibhekane naso, kodwa lendlela ekwakumele bona bawuqonde bawenze ngayo iyona nathi indlela ekumele siwuqonde bese siwenze ngayo njengokwamaphuzu abaliwe ngenhla.
Uma kuziwa ekwenzeni lokho iBhayibheli elikushoyo okwabhalwa esikhathi esidala, ungazifuneli eyakho incazelo nokuthi uzinqumele ukuthi uzokwenza kanjani, kodwa hamba obheka ukuthi laba ababebhalelwa yikuphi okwakumele bakwenze, bese uyaqaphela umehluko wesivumelwano sikaNkulunkulu nabo (uJeremiya 29 kwakuyisivumelwano sikaMose) ubheke isivumelwano sikaNkulunkulu nawe (okuyisivumelwano Esisha), bese uyahamba wenza ngokwengqikithi enikezelwe.
Awuke udle amathambo engqondo ngalokhu okulansdelayo:
Kungani abaningi kulaba okuthiwa Amakrestu bayishaye indiva incazelo esobala yeZwi likaSIMAKADE kunalokho balijike ukuba livumelane nezibusiso ezithinta impilo yabo? Kungani uJeremiya 29:11 udume kangaka, kodwa u7:16, 11:14 no 14:11 engadumile?