Amazwi afingqiwe ashaya emhloleni alokho esikukholwayo ngeBhayibheli siwanikezelwe nguNkulunkulu ku 2 Thimothewu 3:15-17
… nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.
Ngokubhekisisa izigaba ezahlukene zalamazwi akhuluma ngeBhayibheli, siqinisekisa izizathu ezinhlanu ukuthi kungani iBhayibheli lisemqoka kakhulu.
1. Kulo iBhayibheli lakho, uthola umgogodla weqiniso ngokomoya (“imibhalo engcwele”)
2. Kulo iBhayibheli lakho, ufunda ukuthi usindiswa kanjani (“enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu”)
3. Kulo iBhayibheli lakho, uhlangana noNkulunkulu (“Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu”)
4. Kulo iBhayibheli lakho, uthola indlela yokukhula kusukela ekubeni musha ekukholweni kuya kwizinga lokuvuthwa ngokomoya (“ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni”)
5. Kulo iBhayibheli lakho, unayo yonke into oyidingayo ukwazi ukuba ukholwe yini ngokweqiniso likaNkulunkulu, nokuthi uphile kanjani ukuze wenze imisebenzi emihle (“ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.”)
Ngakho ke akumangazi ukuthi ukwazi ukubona abazalwane ngothando lwabo lweZwi likaNkulunkulu!