Ngeviki lokugcina lomsebenzi wevangeli kaJesu ngaphambi kokufa Kwakhe, wasebenzisa izingxoxo Zakhe nabantu ukucacisa iVangeli. Abaningi babezibiza ngabakhonzi bakaNkulunkulu, kodwa kwimibuzo yabo ababeyibhekise kuJesu, baveza ngobufakazi inzondo enkulu. UJesu wasebenzisa imibuzo yabo ukucacisa inkinga yabo ukuze nabo bezofinyelela ekumvumeni ngesiqniseko ukuthi uyiNkosi.

Izinkinga uJesu abhekana nazo ngalesiyasikhathi zisafana nanamhlanje. Ukubheka masinyane kwizimfundiso zikaJesu azethula ngeviki lokubethelwa Kwakhe kuyasikhumbuza ukuthi kungani sidinga ukucaciswa okusobala kweQiniso.

Sidinga ingcaca kwiQiniso ngoNkulunkulu, ngoJesu, IZwi Lakhe, kanye nempilo yoBukrestu ngoba,

  1. Abaningi basebenzisa izindawo zokukholwa ukuzicebisa bazithuthukise bona uqobolwabo esikhundleni sokukhonza ngentobeko phambi kukaNkulunkulu ( ngokukaLukha 19:45-48)
  2. Abaningi bathandazabuza igunya elisobala likaNkulunkulu ngenxa yokuthi bathi bafuna ‘ukuvuleka imiqondo’ngeqiniso elisobala ( ngokukaLukha 20:1-8),
  3. Abaningi bakholelwa wukuthi uNkulunkulu uzobemukela ngisho kungathiwa yini abayenzile ( ngokukaLukha 20:9-19)
  4. Abaningi bancamela ukulokhu bephikisana ngezihloko ezishisa ibunzi esikhundleni sokugcizelela izenzo ezisobala zokulalela ngentobeko ( ngokukaLukha 20:20-26)
  5. Abaninigi bancamela ukuxoxa ngezinto ezingacacile ezicatshangelwayo zikamoya kunokuthi baphakamise iqiniso elambulwe ngokusobala,( ngokukaLukha 20:27-40),
  6. Abaningi abanalo ulwazi ngamavesi nezifundiso zoMbhalo ezisobala ( ngokukaLukha 20:41-44),’
  7. Abaningi bayashesha ukugabisa ngendlela yokukhonza kwabo ( cabanga ama-selfinyana kukhonzwa!) kunokuthi bahambe ngokuthembeka kwizinhla zonke zempilo yabo ( ngokukaLukha 20:45-21:4)
  8. Abaningi badukiseka kalula ngama-link ezindaba ezintsha ezisematheni ezimaqondana neZikhathi Zokugcina (ngokukaLukha 21:5-9)
  9. Abaningi sebevumele ukuhehwa yindlela yesikhathi lapho sebenikezwe ithuba lokuthi bafakaze ngoJesu ( ngokukaLukha 21:10-19),
  10. Abaningi baselwe isibindi sokubekezelela ubunzima ( ngokukaLukha 21:20-28), kanjalo
  11. Abaningi sebelishintshanise ngezindlela zalelizwe iZwi likaNkulunkulu ( ngokukaLukha 21:29-36)

Masizihlole uqobo lwethu ngalezindlela eziyishumi nanye, bese sibuyela kwingcaca esobala ngokulunga kukaNkulunkulu, insindiso etholakala kuJesu Khristu, kanjalo nasebizelweni ekuphileni impilo yoBukrestu yeqiniso.