Izaga zinikezela ngezinkulumo ezinomqondo maqondana nevila. Izinkulumo eziningi ngomsunguli owucwepheshe wobuvila uma sekuziwa ngasekwenzeni izaba. Kungenzeka uyivila uma uhlezi unezaba kwizinto eziningi.

Nalu uhlu olujwayelekile lwezaba ukuthi, uma uzithola zingena emqondweni wakho bese ziphuma ngomlomo wakho, zikuxwayise ngalobuthaka obubi obungaphakathi obubizwa ngobuvila.

1. Izaba zokwenza ihaba ngokungaba imiphumela engemihle yokwenza into okuyiyo efanele.

Ivila, lithi: “Kunebhubesi ngaphandle; ngaphuma nje ngizobulawa emgwaqweni.”

Izaga 22:13 ( IsiZulu 2020)

2. Izaba zokwenza ihaba ngezigqinamba eziningi zokwenza into okuyiyo efanele.

“Kukhona ingonyama endleleni, nebhubesi phakathi esigcawini.”

Izaga 26:13 ( IsiZulu 2020)

3. Izaba zokwenza ihaba ngomsebenzi osuwenzile ukuze ungabe usakuqedela lokho okade usukuqalile.

Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni; alisibuyiseli emlonyeni walo.

Izaga 26:15 (IsiZulu 2020)

4. izaba zokwenza ihaba isidingo sokuphumula esikhundleni sokuthi uvuke uhlale uze uqede lowomsebenzi obusuwuqalile

Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na? Ngobuthongo nje obuncane, nokozela nje okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe;

Izaga 6:9-10 (IsiZulu 2020)

Veza izaba ovamise ukuzenza, incwadi yeZaga izokukhombisa ukuthi umiphi ngokwe-skali Sobuvila.

Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali..

KwabaseGalathiya 6:9 (IsiZulu 2020)