Njenganalokhu amagama aphimiselwe nezenzo okugcwele ukona kuqala ngaphakathi
kuyimicabanga nezinkanuko okugcwele ukona ( ekaJakobe 4:1; ngokukaMakhu
7:20-23), kanjaloke nakhokonke ukuziphatha okuhle kuqala kwisimilo esihle
ngaphakathi. Sona kusuka ngaphakathi kuya ngaphandle, futhi siguqukela ekulungeni
kweqiniso kusuka ngaphakathi bese kuya ngaphandle (KwabaseRoma 12:2).

UDavide wakhethwa ukuba wushintsho olulungile ukungena esikhundleni senkosi
ekhohlakele uSawule ngoba uDavide, noma wayenokubukeka okuhle ngaphandle,
wayelungile ngaphakathi ( 1 Samuweli 16:6-12).

Impumelelo enhle yowesifazane wakwiZaga 31 yavela kwinhliziyo eqotho egcwele
ukwesaba uNkulunkulu ( IZaga 31:30). Kanjalo, inkosikazi engcwele yakwincwadi
yokuqala kaPhethro yagqama kakhulu ngenxa yobunjalo bayo obumnene nokunokuthula
kunokwenza kwayo—ngaphezu kokuba ukwenza kwayo kwakuhloniphekile ( 1 ekaPhethro
3:2-4).

Kungakho, uma uMphostoli uPawulu wayefuna ukubona izenzo zobunkulunkulu
kubazalwane, wayebagqugquzela ukuba baqalela ekucabangeni ngendlela enobunkulunkulu
( kwabaseFiliphi 4:8-9). Yingakho futhi imiyalelo yendlela yokwenza izinto
eMbhalweni iza ngemuva kokusebenzisa ingqondo kulokho esikholelwayo
okungaphakathi ( qhathanisa kwabase-Efesu 1-3 nabase-Efesu 4-6 uthathe nakwabaseRoma
1-11 ubaqhathanise no 12-16).

Ngokwamazwi akuThithu 3:8-9, ungahlehleli emuva kumaqiniso eVangeli, bese uzibophezela
ekuziphatheni ngobunkulunkulu okuyinto elungile. Ngokufanayo, ungagcini umqondo
wakho ulokhu ugxile ezintweni eziwumbhedo, ngoba lokho kuzokhiqiza indlela yokuziphatha
ehambisanayo nalokho indlela yokuziphatha engenamsebenzi walutho.

Wona kusakela ngaphakathi kuye ngaphandle; futhi ukhula ebungcweleni kusukela ngaphakathi kuya ngaphandle.