Kwaze kwaba wukuphila okuphakade okuhle kakhulu okusilindele, kodwa kwaze kwanzima emhlabeni esikuwo okwamanje! UJesu muhle ngandlela zonke, kodwa abantu abaningi kubukeka bengenalo uthando lokuthanda umakhelwane. Ezulwini konke kuhamba kahle, kodwa lomhlaba awunjalo. Wenza kanjani ukuthi ugcineke ucabanga ngendlela ephusile kulomhlaba?

Khumbula ithemba lakho elizayo, bekezelela ubuyaluyalu balomhlaba, bese uhlale uxhumene nalowo okunguye ophethe. Yilokho kwabaseRoma 12:12 abakunikezelayo njengesiyalo.

Ethembeni nithokoze

Osizini nibekezele

Nasekukhulekeni ningaphezi

KwabaseRoma 12:12

Ungazitholeli intokozo kulelizwe; thola intokozo yakho kwithemba lakho elizayo. Ungakhathazeki futhi ungadikibali ngesikhathi sezinhlupheko empilweni yakho! Bekezela, uNkulunkulu Nguye ophethe. Khuleka. Khuleka ukuba intando Yakhe, hhayi eyakho, yenzeke kulempilo ngokwazi kahle ukuthi ngokuqinisekile intando Yakhe izokwenzeka kulempilo lapho ithemba lakho libekwe khona.