Romans 12:16:The secret of getting along with others
Nibe mqondo munye,nicabangelane ngokufanayo.
KwabaseRoma 12:16
Yilona phupho elihle lalelizwe okunzima ukuba lifezeke—ukuzwana kahle nabanye abantu. Siyabathanda labo okulula ukuzwana nabo, siyafuna ukufana nalabo ababukeka kulula kubona ukuzwana nawowonke umuntu abahlangana naye. Ngokudabukisayo kubukeka engathi ngisho nephutha elincane liqeda ukuthula osekuzanye unyaka wonke.
Ngokungafani nendlela esiphila ngayo, imfihlo yokuzwana kahle nabanye abantu akusiyona into exakile. Yambuliwe ngokucacile kithini nguNkulunkulu.
Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo.
Ningazikhukhumezi,kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo.
Ningazishayi abahlakaniphileyo.KwabaseRoma 12:16
Imfihlo yokuzwana nabantu ilula kanje: Ungacabangi ukuthi ungcono.
Ukuzikhukhumeza yigama eliqinile, alinakho ukuteketisa. Ngakho ungabi nokuzithwala. Uma ufuna ukuzwana nabanye, kuzodinga wenze ushintsho ekuxhumaneni nabanye abantu. Zithsele nje ukuthi abanye bangcono kunawe, uzozibonga kakhulu ukuthi bayazehlisa ukukwazi ukuxhumana nawe, okulandelayo uzoba nokuhlonipha, ucabangisise ekuxoxeni kwakho nabo. Ungazikhukhumezi.
Indlela esheshayo yokuzilungisa wena uma sekuziwa ngasekuzwaneni nabanye ukuthi uzihlanganise nabasezingeni eliphansi. Zazise wena kulabo amaziqoqile kakhulu kunabanye kuleyondawo. Mema umuntu oswele ukuba nihlangane nibe nesidlo sasemini. Vakashela abadala. Vakashela abagulayo. Bheka umuntu abaningi abangeke bazohlanganisa naye, iya kuye, zwana naye. Akusiyo imfihlo ukuthi ubudlelwano obuhle kakhulu yilobo obungenaye lowo ozenzisayo. Ngakho ungenzi engathi ulungile, bese uzama ukuzwana nalabo abanokuzenzisa kancane kwayibona.
Kafushane, ungalinge ube ngohlakaniphile emehlweni akho. Ukuzitshela wena ukuthi “uright” yithuluzi elilodwa elilimaza ubudlelwano bansuku zonke. Uma lowo oshadelwe naye esho into etthile bese wena masinyane leyonto uyihlanganise nencazelo ethile, ungabi ngohlakaniphile emehlweni akho, kunalokho zama ukuthola kuye okuyiyona incazelo yaleyonto usebenzisa amagama anentobeko. Uma umngani ebeka umbono ongahambisani nawo, buza khona uzofunda, ungavele uzame ukuzivikela. Bona uma ukhuluma ungenalo ulwazi noma okukhulumayo kuwumbono esikhundleni solwazi noma into oqinisekile ngayo, khona uzozwaba nalabo abakuWhatsapp noma uFacebook abavele babhale ngaphandle kokucabanga uhlobo lwemibono yabo enolwazi olungaphelele. Njengoba isisho sisho, “kungcono ucatshangwe njengesiwula, kunokuthi uvule umlomo bese ufakazela lokho”
Uma ufisa ukuphilisana nabanye, zitshele ukuthi awungcono, ukuthi labo abaphansi yibona okufanele uzihlanganise nabo, nokuthi awuhlezi uright ngasosonke isikhathi. Ngokulandela lemfihlo, uzohlangana nabantu abaningi okuxoxekayo kahle nabo, nawe uzoba lula ukujwayeleka.