Sisijwayele isivumelwano uNkulunkulu asenza nabantu abanjengo Abrahama, kwathi eminyakeni eminingi elandelayo wasenza nesizukulwane sikaAbrahama ngoMose. Kodwa, kunesivumelwano esichaziwe ku Jeremiya 31esizidlula kakhulu zonke ezinye izivumelwano. Yileso umprofethi uJeremiya asibiza nge”Sivumelwano Esisha”.

Into eyenza ISivumelwane Esisha sizidlule ezinye futhi sihluke kunazo ukuthi ISivumelwano Esisha isona sodwa isivumelwano esiphathelene nensindiso yangokomoya. KwiSivumelwano Esisha kukhona amakholwa eqiniso kuphela. Isivumelwano Esisha isivumelwano esisindisayo. Bonke abayingxenye yeSivumelwano Esisha basindisiwe, futhi bonke abasindisiwe bayingxenye yeSivumelwano Esisha. KwiSivumelwano Esisha ayisekho into edidayo ngokuthi ubani osindisiwe nokuthi ubani ongasindisiwe- njengoba yayikhona indida kuIsrayeli kwiTestamente Elidala lonke. KwiSivumelwano Esisha kulula kakhulu futhi kuqondile. Uma usindisiwe uyingxenye yaso; uma uyingxenye yaso usindisiwe.

“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”

Jeremiya 31:33-34

Lesi isithembiso esikhulu. Lapha nguNkulunkulu Othembisa ukuxolela izono, anikezele ngolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, afake nokulale koqobo kulabo Azobakhetha ukuba babeyingxenye yeSivumelwano Esisha.

Ngelinye ilanga kuzoba yiqiniso kuIsrayeli wonke, kodwa manje kuyiqiniso kulabo bethu, yize singesiwo uIsrayeli, kodwa senziwe saba ilabo abamukeliswa lesisivumelwano. Uma unguMkrestu, izono zakho zixolelwe, uyamazi uNkulunkulu, uyafunda ukulalela ngokwendlela esuka enhlizweni.