Amaningi Amahubo abhalwe ngobuciko ngaphansi kwezinkinga ezinzima kakhulu. Lokhu kuyiqiniso nakwiHubo lesi-5. Kodwa iHubo lesi-5 alisiwo kuphela umkhuleko wokuthulula umphefumulo wakho kuNkulunkulu. Futhi iHubo lesi-5 alisiwo nje umkhuleko wokuzifunela ukukhululwa nokufakazeleka. Okunye IHubo lesi- 5 eliyiko liwumkhuleko wokufuna ukukhula kukho ukulunga.
UDavide wayeqonda ukuthi uma ngabe wayezoba ngomubi ekuphenduleni kwakhe abantu abangalungile, lokho kuzomenza yena angathokozisi uNkulunkulu (v4). Shono nje uDavide wayeqala usuku nosuku lwezinhlupho zakhe ngokudumisa uNkulunkulu- kungesiwo nje umkhuleko wokuhlengwa, kodwa ukudumisa ngoba enokumethemba okukhulu uNkulunkulu (v3).
Ngesikhathi ungaphansi kwezinhlupheko, ungalahlekelwa ukumesaba kwakho uNkulunkulu (v7). Khulekela ukuthi uNkulunkulu angakuholeli nje kuphela ekuhlengweni, kodwa akuholele nasekuphenduleni kahle nakuzo izinhlupheko zakho (v8).
Khumbula, ukuthi isibusiso sikaNkulunkulu ngokukhethekile sithenjiswe labo abalungile (v12). Uma ubhekene nezinhlupheko,cela ukulunga. Uma ungaphansi kwezingqinamba, musa ukubheka kuphela kwizinhlupheko, kodwa bheka naku kuNkulunkulu. Ulungile futhi Uyakuthokozela ukulunga.