Kuchaza ukuthini ukuthi “ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphi”? Futhi ungayiphendula kanjani imibuzo efana nalena uthathisela kuwo uMbhalo?

NgokukaMathewu 17:14-20

(Indaba eyodwa iqoshwe ezindaweni ezihlukene, zifunde zonke ukuthola umqondo ophelele. funda nakuMakhu 9:17-29 naku Lukha 9:38-43a)

Ukuhlolisisa esingakhela kukona

  1. Umqondo esiwunikwa kulamavesi awusabalele, ubheke kubafundi.
  2. Inkinga kwakuwu kungakholwa kwalowo okwakumele enze izimangaliso, kwakungesikona ukungakholwa komuntu owayegula nomndeni wakhe.
  3. Abafundi base bevele benikezelwe igunya namandla okuphilisa ( funda kuMathewu 10:5-10)
  4. Lokhu okwenzakalayo kubukeka kuwukuthethiselwa ukungenzi lokho obekumele kwenziwe, akusisona isethembiso sokukwazi ukwenza okungaphezulu.
  5. Ubani isizukulwane “esingakholwa” okukhulunywa ngaso kuvesi 17? uVesi 20 uveza obala abafundi beNkosi kuyibona okukhulunywa ngabo okokuqala! (bese uma ufunda uMakhu 9:23 uyabona ubaba wendodana kunguye owesibili. Lapha kukhulunywa ngokukholwa kuJesu ayi kwizimangaliso)

Isiphetho

“Ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphi” kulesigameko kubonakala kukhomba iqiniso lokuthi ngisho nokukholwa okuncane kwanele ukuthi kungenzeka izinto ezinkulu uJesu ayedinga abafundi Bakhe bazenze.

Luka 17:3-6

Ukuhlolisisa esingakhela kukona

  1. Umqondo esiwunikezelwayo usabalele, lokhu kuthathiselwa kwigama elithi “umfowenu”
  2. Uxolo yilo okuyalwa ngokusobala ukuba lwenziwe, kuvesi 3.
  3. Kuvesi 5, abaphostoli ngokucacile bayabona ubunzima bokuthobeka kwaloluhlobo okukhulunywa ngalo, olumayelana nokuxolelana omunye nomunye. Lokho kubenze bacela ukuba babe nokukholwa ukuze bezokwazi ukukwenza lokhu.
  4. Kuvesi 6 uJesu uthi ukukholwa okuncanyana nje kungenza noma yini.

Isiphetho

“Ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphi” kulesigameko kukhomba iqiniso lokuthi asimele sikhulekele ukuthi ukukholwa kwandiswe ukuze sizokwazi ukuxolela abanye. Ngoba ngisho ukukholwa okuncane kungenza izimanga. Ngakho okugcizelelwayo ekuphileni impilo yobuKrestu ukuthi ukulalela okujwayelekile ngenxa yokukholwa kwanele. Akusikho ukuthi uzongalaleli kuze kwandiswe ukukholwa. Kukona konke uJesu asiyala ukuthi sikwenze, umyalo othi “xolela njengoba nami ngakuxolela” mhlawumbe iwona onzima kakhulu. Yingakho amakrestu eqiniso engadingi ukufuna ukukholwa okwandisiwe, kodwa kudinga ukuthi akholwe ngakho lokhukukholwa asevele asekunikeziwe.

Nayi iNcwadi ongayifunda: ikhuluma ngokuthi kubukeka kanjani ukuxolelana ngokwendlela iBhayibheli elifundisa ngayo. Ngiyakukhuthaza kakhulu ukuthi uyithole uyifunde. Ibhalwe kuJoel James, isihloko sayo sithi Forgiving like God Forgives, (Ukuxolela njengalokhu uNkulunkulu exolela) (iPDF iyatholakala mahala, ibhalwe ngeSingisi)

Umbono wokugcina ukuphetha lesihloko

“Ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphu” kwizigameko zombili kukhuluma ngento vele abafundi asebenayo. Ngakho ke, lokho okumelwe kwenziwe yithina namhlanje akunzima. “Ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphi” akusiyo indlela yokuqola yalabantu abathembisa ukwenza izimangaliso bese ngokuhluleka kwabo bayazithethelela, ngokuthi bathi yilabo obekumele babasindise “abangenakho ukukholwa”. “Ukukholwa okungangohlamvu lwesinaphi” indlela ejulile yokugqugquzela wonke amaKrestu ukuthi enze lokhu uNkulunkulu asiyalile ukuba sikwenze. Ngenxa nje yokuthi ukukholwa kwethu kukuNkulunkulu. Ngoba siyilabo abanokukholwa, sesivele sinakho konke okudingekayo ukuthi silalele. Ngisho nomsebenzi onzima kangakanani ophathelene nevangeli singakwazi ukuwenza. Noma ngabe izinto ezinzima ezithinta impilo yethu ekumele sizenze singakwazi ukuzenza.