UKevin de Young wake washo kahle ngesikhathi eqiniseka,

“Ziningi izinto ibandla elingazenza, kodwa ziyingcosana izinto ibandla elimelwe ukuzenza”

[inkulumo ibekwe ngamanye amazwi]

Lokho kuyiqiniso. Ibandla elenza yonke into elingakwazi ukuyeza, kodwa lishaye indiva ingcosana yezinto ekumele lizenze, alikwazi eqinisweni ukuba lingabalwa njenge bandla loBukrestu leqiniso. Kanjalo, ibandla elingakwazi ngempela ukwenza, kodwa elithembekile ekwenzeni izinto eziyingcosana ezidingwa nguKrestu, lingakwazi ukufeza umsebenzi iNkosi yethu ebiwuhlosile kumaKrestu nasemhlabeni.

Okokuqala nokubalulekile ukwedlula okunye, ibandla kumele likhonze uNkulunkulu.

Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene. Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

1 kaPhethro 4:10-11

Incwadi yeZenzo 2:42 inika uhlu lwezinye izinto ezimelwe ukwenziwa ukuze ibandla kungaba ibandla, okuthiwa ukuzibophezela kwizimfundiso zabaPhostoli ( yazisa kakhulu iTestamente Elisha), ukuhlanganyela nabazalwane, iSidlo seNkosi kanye nomkhuleko.

Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.

Izenzo 2:41-42, 47

Izinto zokugcina ezincane kuloluhlu lwalokho ekemele ibandla likwenze ukuculela ukudumisa uNkulunkulu nokuzikhumbuza thina ngalokho esikukholwayo (Kholose 3:16), Ukufunda Imibhalo ( 1 Thimothewu 4:13), kanye nokunikela njengokubonga nangenxa yomsebenzi weNkosi. (2 Khorinte 9:7)

Yiba uMkrestu owazisa, ngaphezulu kwezinye izinto, lokhu okulandelayo ebandleni lakho:

  1. Khonza uNkulunkulu
  2. Funda iTestamente Elisha
  3. Hlanganyela ngenxa yokwakha abazalwane
  4. Khumbula Isiphambano ngokuhlanyela kwiSidlo seNkosi
  5. Letha imithwalo yakho nendumiso kuNkulunkulu ngomthandazo
  6. Phakamisa uNkulunkulu bese fakazela ukukholwa ngokucula
  7. Funda yonke Imibhalo ngokucacile
  8. Nikelela umsebenzi wokukholwa ngangokubusiswa kwakho yiNkosi.