Abantu banomuzwa omangazayo uma kuziwa ngasekumelaneni nomthetho, ngendlela yokuthi sesize sajwayela ukubekwela imithetho eqondene nezinto ezithile. Sinekhona ngokwemvelo lokwakha izindlela ezicashile zokungalaleli, ezenza kubukeke engathi ayikho indlela yokulalela. Ngenxa yalokho, siphila kwimiphakathi enenqwaba yemithetho ehlezi ilungiswa ukwenzela ukuba ihambisane nezimo zonke ezivelayo. Ukwenza isibonelo, umthetho wezemigwaqo othi “shayela ngokuphephile”awuzange ugcinwe, ngakho kwafanela kumiswe imithetho elawula isivinini kulona lonke uhlobo lwemigwaqo ekhona, kwaphinde kwanezezelwa nangama-robots, kwabhalwa izimpawu kuyona qobo imigwaqo, kwafakwa amabhodi, izimoto zaba nama-laythi akhombisa izimpawu ezithize, kwamiswa amaphoyisa ezemigwaqo, uma uke waphula eminye yalemithetho ebekiwe uhlawuliswa imali ethize njengesijeziso sokuphula imithetho. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi umthetho wokuqala othi “Shayela uphephile”awuzange wagcinwa.

UNkulunkulu, okuNguye oshaya umthetho wokuphila, wenze okufanayo enzela abantu kusukela kwangena isono emhlabeni. Umbhalo awusitsheli ngemithetho eyanikezelwa amadodana kaAdamu, uNowa, kanye noAbrahama eyayakhelwe uhlobo lwesikhathi ababephila kuso, kodwa uma sekumiswe isizwe sakwaIsrayeli ngesikhathi sikaMose, lapho sithola uMthetho kaNkulunkulu ocaciswe kahle nakabanzi, wakhelwa uhlobo lwesimo sangalesosikhathi, nokulingwa lokho okwakuzovukela isizwe sikaNkulunkulu Ezweni Lesethembiso. Kodwa futhi, lemithetho yayakhelwe uhlobo lwesimo sangalesosikhathi futhi ihlukile kwimithetho yeTestamente Elisha eyanikezelwa eBandleni. Uma sicabanga ngomthetho kaNkulunkulu, akumele sidide imithetho kaNkulunkulu eyakhelwe uhlobo lwempilo nesikhathi esithile, siyidide nemithetho kaNkulunkulu yezikhathi zonke, kuzizukulwane zonke.

Ungabuza uthi, “Imuphi umthetho kaNkulunkulu wezikhathi zonke omiselwe izizukulwane zonke?” sibuka kanjani sidlule kwimithetho eyenzelwe isikhathi esithile bese sifinyelela kumthetho wezikhathi zonke kwizizukulwane zonke? Imuphi lowomthetho kaNkulunkulu owalawula indlela yokuphila kaAdamu noEva eNsimini, yalawula impilo kaAbela, kaNowa, kaJobe, noAbrahama, kwiminyaka yokuqala eyinkulungwane yokuphila kwabantu, lowo owalawula imigomo yesizwe sakwaIsrayeli kwiTestamente Elidala, owalawula ukwenza kweBandla kwiTestamente Elisha, lowo olawula impilo yami neyakho namhlanje?

Impendulo ilula ngaphezu kokuba ucabanga, ngoba kuwowonke uMbhalo besilokhu sinikezelwa izimpawu ezithize zokuthi yimuphi Umthetho kaNkulunkulu olawula phezu kwalo lonke uhlobo nesikhathi sokuphila. Ngokwamazwi kaJesu uqobolwakhe,

UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo, uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Kuleyo miyalo yomibili kubambelele umthetho wonke nemfundiso yabaphrofethi.”

NgokukaMathewu 22:37-40

Ayikho enye indlela uJesu ayengacacisa ngayo! Lamazwi athi “Thanda uNkulunkulu, uthande umakhelwane” siwacabanga njengamazwi afingqa imithetho eyanikezelwa uIsrayeli, kodwa eqinisweni lemithetho yomibili iyisisekelo yemithetho yonke eyakhelwe izikhathi zonke ngokuhlukana kwazo. Lemithetho izimele qekelele emqondweni kaNkulunkulu njengemiyalelo Yakhe kubantu. Yonke eminye imithetho eyake yabekwa incike kulemithetho yomibili.

Lokhu kufana nokufaka izingubo kwi-hanger. Kuya ngokwenkathi yonyaka, kungenzeka ufake ihembe elinemikhono emifishane noma elinemikhono emide, kodwa womabili asancike kuyona leyo-hanger evele isikhona ukuthi ahlezi esesimweni sokugqokwa. Uma besingalalela kahle umthetho othi “Thanda uNkulunkulu” futhi “uthande nomakhelwane” lapho ke besingeke sayidinga imithetho ehlobene nezikhathi ezithile, besingaphila nanoma yikusiphi isikhathi noma isizukulwane ngendlela ethokozisa uNkulunkulu ngokuphelele.