Amaqiniso amabili esesikhulume ngawo ekumele siwazi ngemizimba yethu azosisiza siphunyule noma singangeni ogibeni lokunikela imizimba yethu budedengu ocansini  yilawa:

Umzimba akusiwo owobufebe….” ( 1 Khorinte 6:13b) , Ubufebe Indlela engafanelekile yokusebenzisa umzimba

Umzimba…..ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba.” ( 1 Khorinte 13b), Umzimba akusiwona owakho  kepha yiNkosi umnikazi wawo

Nali iqiniso lesithathu, ukuthi munye umyalelo esinikezelwe wona oyiyona yodwa qhwaba indlela efanelekile yokusebenzisa imizimba yethu njengabazalwane. Miningi imiyalelo ngokuthi lomyalelo siwenza kanjani kodwa wona uwodwa,

“Ngalakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu”

1 kwabaseKhorinte 6:20

Naku umsebenzi esiwunikezelwe, oyisisekelo sezindlela zonke ekumele sisebenzise ngayo imizimba esisiselwe yona. Kumele uhlezi unkenteza ezindlebeni zethu!

Njengoba sesingamakholwa simelwe sihlezi sizikhumbuza lokhu ngemizimba yethu, okuyikho okuzosikhuthazela ekuwugcineni lomyalelo:

“….umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu…”.

1 kwabaseKhorinte 6:19

Ukuze uNkulunkulu uYise anikezele ngoNkulunkulu uMoya oNgcwele ukuba azoba yisakhamuzi ngokugcwele kithina, kudingeke ukuba sithengwe “ngenani elikhulu” ukuphila kukaNkulunkulu iNdodana. Mukhulu kakhulu umusa esenzelwe wona.

Kusanda kuvela ezindabeni umuzi walowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi lapha eNIngizimu Afrika, uMandela. Izidonga, nakho konke, nocingo olubiyele ngaphandle kusamile njengoba kwakunjalo. Kodwa kwenile kuwo, ugqwalile kuyakhombisa ukuba ukunakekeleka kwawo ngendlela akusekho. Kungani? Obebalulekile yilowo obengaphakathi kwawo. Ubuhle nobukhazikhazi bawo bebumi ngesithunzi nokuba yigugu emhlabeni wonke kwalowo obehlala ngaphakathi kuwo,uMandela.

Ngokufanayo, uMenzi weZulu nomhlaba, ongakaze angabibikho, Okhothanyelwa yizidalwa zonke zamazulu, ungaphakathi kwethu! Ngakho thina asisesibona abethu. Uqobolwethu lonke lungo Lwakhe! Ngakho imizimba yethu kumele iveze ubuhle nokuba yigugu Kwakhe. UBungcwele Bakhe kumele mabuvele kwindlela wena njengomzalwane oziphethe ngayo.

Ukuze siveze uBunjalo nokuba yigugu Kwakhe simelwe sibophele umyalelo Wakhe ezinhlizweni, kube yiwo obumba nezingqondo zethu

“Ngalakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu”

Ukuhlezi uzigqugquzela ngalamaqiniso kuzokwenza uhlezi usemfuthweni wokusuka ngejubani uma uhlangabezani nalesisikhubekiso. Sinamathelana kanzima kakhulu ngaphezu kwezinye ( 1 Khorinte 6:18b)!

Kodwa iNkosi isinikile indlela yokuphunyula singangeni kuso, noma siphume singaphinde singene kuso.