Kuvamile ukufundiswa ukuthi ingxabano enkulu emshadweni ikhona ngenxa yesiqalekiso esehliselwa kowesifazane kuGenesisi 3:16. IBhayibheli lesingisi, iEnglish Standard Version, uma sithatha lona njengesibonelo, lihumusha igama lesiHebheru ngendlela edlulisa ukuthi uNkulunkulu waqalekisa umfazi ngokulangazelela ukumelana nendoda yakhe ngendlela ephambana nokubusa kwendoda yakhe phezu kwakhe.
Kowesifazane wathi:
Genesisi 3:16 (Zulu 2020)
“Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe,
uzwe iminjunju lapho ubeletha.
Uyohlala ulangazelela indoda yakho, (KwiESV lengxenye ikhuluma ngokulangazelela ngendlela evukela ukubusa kwendoda)
yona ikubuse.”
Kodwa uNkulunkulu akasiqalekisi ngesono. Impela akanakukwenza lokho ( ekaJakobe 1:13-14). Kungaba yiqiniso ukuthi kunabafazi abamelanayo nabayeni babo, baze babaphathe ngezindlela ezihlukeni ezingenakho ukulunga, kodwa lokho akukho ngenxa yesiqalekiso phezu kowesifazane kuGenesisi 3.
Kunalokho, ukulangazelela ekukhulunywa ngakho kuGenesisi 3:16 kusondele ekubeni kuhle kunokuba kubi. Ngalezizikhathi zokuqala zempilo indoda nomfazi babeyaliwe ukuba bazalane bade, bagcwalise umhlaba bese basebenze kanzima (Genesisi 1:28). Ngenxa yesono sabo, uNkulunkulu wanezezela izinga lobunzima kwizimo zempilo ekwakuzomele baqhubeke nokulalela uNkulunkulu ngisho sekukhona lobo bunzima. UNkulunkulu akazange anazezele izinga lokuhluleka ekuthobekeni kwabo. Kunalokho, indoda yayisazosebenza, kodwa imvelo yayisizoba nokumelana nokusebenza kwendoda futhi sekuzoba khona nezithukuthuku. Kanjalo, umfazi uzozala abantwana, kodwa manje kwasekuzoba khona izinhlungu.
Ukulangazelela okukhulunywa ngakho kunikezela umqondo wokuhlengwa okwedlula owokuqalekiswa. Ngokwandiswa kwezinhlungu ekuzaleni abantwana, umfazi angalingeka ngokuthi angabe esafisa ukuba nomyeni wakhe, kodwa ke, uNkulunkulu uqinisekisa ukuthi usazokuthola ukuthokozela umyeni wakhe ngemuva kwazo lezozinhlungu. Ngakho uzoba nakho ukulangazelela umyeni wakhe, bese yena umyeni wakhe emuphatha ngendlela efanele ukulangazelela umfazi wakhe anakho.
Isiqalekiso phezu kowesifazane esiphathelene nezinhlungu ekubeletheni umntwana, akusiso esokulawula indoda.
Ukubheka ngenye indlela, abanye basebenzisa uGenesisi 4:7 lapho kusentshenziswe leliqoqo lamagama u”Its desire is contrary to you, but you must rule over it” (“sifuna wena, kodwa wena sinqobe.” noma silangazelele wena) ngokomqondo onikezela isimo esingesihle. Bese ngenxa yalokho banqume ukuthi nakuGenesisi 3:16 leliqoqo lamagama u”your desire shall be contrary to your husband” kumele lisho isimo esingesihle nakhona. Ukuthi ukusetshenziswa kwaleli qoqo lamagama kuKhayina nesilingo sakhe kunikezela umqondo wesimo esingesihle akusho ukuthi nokusetshenziswa kwalo kuNkulunkulu noEva kusho isimo esingesihle nakhona. Ngaphandle nje kwalokho, indlela enhle ekusethsenziswe ngayo leliqoqo lamagama iyatholakala kwiSihlabelelo Sezihlabelelo 7:10 “Mina ngingowothandiweyo wami,naye uyangilangazelela.”okuqinisekisa ukuthi lamagama qobo lwawo awadingi ukuhumushwa ngendlela eveza umqondo ongemuhle ngasosonke isikhathi kodwa ukuwahumusha ngokwenqgikithi yakuleso sahluko. IBhayibheli lesiZulu ihumusho lika2020 libeka kahle umalithi:
Kowesifazane wathi:
Genesisi 3:16 (Zulu 2020)
“Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe,
uzwe iminjunju lapho ubeletha.
Uyohlala ulangazelela indoda yakho,
yona ikubuse.”