Yize noma uJudas kuyigama elenziwa langanambithisiseka wukudayisa ngoJesu kwalowo owayebizwa ngaleligama, bakhona abanye oJudas abayidlanzana abanamagama athe ukwamukeleka abenze okufanayo kwiNkosi uJesu. Bayiphakamisile iNkosi uJesu, bayithanda iNkosi uJesu ngandlela thize, bayilandela iNkosi uJesu isikhashana, kodwa bayenza lukhuni inhliziyo yabo base bayijikela iNkosi uJesu. Siyabonga ngoba kuhlezi kuyingcosana phakathi kweningi labazalwane abathembekile, kodwa lokhu kuyenza kubekhona ukwesaba kwabaningi abazalwane beqiniso ukuthi kaze uNkulunkulu kuyenzeka yini alahlekelwe ngezinye zezimvu Zakhe. Siyazi ukuthi labo abakushiyile ukukholwa babengakaze babe yingxenye yakho, kodwa kusalokhu kunombuzo obeleselayo “ngakube kukhona ngempela labo uNkulunkulu abasindisa, kodwa basebemlahlekela?”
Lombuzo ujwayelekile kubantu, ngakho akumangazi ukuthola impendulo ecacile eMbhalweni. Yimpendulo ecace kahle kakhulu, eyisiqiniseko ngokungangabazisi, futhi iyaduduza ngamandla.
Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
ngokukaJohane 10:27-29
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.
kwabaseRoma 8:38-39
“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.”
UMalakhi 3:6
Lokho uNkulunkulu akushoyo ngalowo amukhethayo okunguDavide kuyiqiniso nakuwo wonke okholwayo futhi.
Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye,
ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
Amahubo 89:33
Ngokwamazwi akwincwadi kwabaseRoma 8:37, uma sekuziwa ngasekusindisweni nguNkulunkulu, abazalwane beqiniso nali ithemba eliyisiqiniseko abanalo “… siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.