Sifundile ngokuthi asebedlulile abaseyiyo ingxenye yakho konke okwenzeka ngaphansi komthunzi welanga. “abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga…”. Bona-ke, ngakube banawo yini amagunya namandla okwenza ngendlela abafisa ngayo ukuze bezonaka izicelo zabaphilayo na?
Imicabango eba khona kubantu, ukuthi abantu asebeshonile sebeseduze noNkulunkulu, ngakho thina uma sikhuluma nabo empephweni, bona bazosikhulumela badlulise izicelo zethu kumvelingqangi. Lena yinkolelo engathi umuntu uma eseshonile uba namandla athile okuya ezulwini, aphinde abuye eze emhlabeni kwabaphilayo ukuzoletha izinhlanhla nokuzovikela. Lokhu akusiyo imicabango yabantu abamnyama kuphela, kodwa nazo zonke ezinye izinhlanga zinalendlela yokucabanga. Lendlela yokucabanga iqinisa imicabanga ngokuthi oseshonile mukhulu umthelela aba nawo empilweni yophilayo.
Umthombo owethembekile, uJesu, Yena ongakaze abe ngowa “ngala”, ovela khona “ngale” ( ngokukaJohane 8:23) wabe eseza “ngala”, okuvela Kuye konke ukuphila ( ngokukaJohane 1:3) , uyasinikezela isithombe esicacile ngempilo yalabo asebesukile emehlweni ethu. Kwincwadi ngokukaLukha 16:19-31, uveza ukuphila kwamadoda amabili ayesengale, eyodwa yayikhululekile emhlabeni, enye yayiphila ngaphansi kokuncenga ngisho nokudla kule ekhululekile. Uma sekungale, kwabesekuphambana, eyayingaphansi kwengcindezi yakhululeka (v22), eyayikhululekile yabangaphansi kwengcindezi (v23) kwaba yiyo manje eyayisinezicelo.Isicelo sayo sokuqala kwakungukusizakala kwayo kwisimo eyazithola isingaphansi kwaso (24), yayingasenakho ukuzisiza yona. Kunokuthola usizo eyayilulindele yabe isichazelwa ngoshintsho eyayisibhekene nalo (v25) kanye nesimo sempilo kulendawo eyayisikuyona. Isimo sendawo senziwe ngendlela yokuthi akekho okwazi uzitanesela ngokufisa kwakhe. Kuthe uma seyisitholile isingeniso ngendawo nokwazi ukuthi akusekho ukuphuma kwingcendezi ewumvuzo wezenzo zayo, yabe isikhumbula amalunga omndeni wayo asemhlabeni ukuthi maningi amathuba okuthi nawo eze lapho yona ikhona. Yabe isifaka isicelo sesibili ukuze ibe nomthethelela omuhle kumalunga omndeni wayo (v27-v28). Impendulo yathi amalunga omndeni mawalalele iZwi likaNkulunkulu elikhona emhlabeni (29). Yaqhubeka nalesicelo, ngoba ikholelwa ekutheni uma kungasuka ofile endaweni yabafileyo, eze endaweni yabaphilayo mukhulu umehluko ozobakhona…
“Sathi-ke: ‘Qha, baba Abhrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo, aye kubo, bayakuphenduka.’
ngokukaLukha 16:30
Esikufunda kulesicelo ukuthi lendoda eyayisingaphansi kwengcindezi, yayisibona ukuthi ukuze umuntu angavuzi ngobuhlungu obunje kumele ashintshe esasemhlabeni. Kodwa yayizitshela ukuthi ushintsho luza noma yingayiphi indlela, kungakho yaveza umbono wokuthi akususwe isithunywa esizosuka endaweni yabafileyo siye kwabaphilayo ukuze kuzobakhona umthelela obakhona, “bayakuphenduka”.
Yabe isichazelwa ukuthi ayikho into eba nomthelela ezimpilweni zabaphilayo ngaphandle kwamazwi esambulo sikaNkulunkulu esilotshiwe esisemhlabeni, IBhayibheli, ngisho nofileyo ngeke abanesisindo esenza umthelela, kuphela yilokho vele okusemhlabeni:
“Kepha u-Abhrahama wathi kuso: ‘Uma bengakulaleli okushiwo nguMose nabaphrofethi, abayukuzwa, noma kungavuka umuntu kwabafileyo.’”
ngokukaLukha 16:31
Kulamazwibela kaJesu ngempilo yasendaweni yabafileyo siyathola ukuthi labo asebekuyo, abanawo amandla okuzisiza nokuzitanasela ngendlela abayithandayo. Kanti futhi nabantu asebedlulile empilweni yasemhlabeni awukho umthelela ngisho omncane abangaba nawo empilweni yabaphilayo.Okuyikona kuphela futhi nakho okusemhlabeni,okunomthelela onomphumela odingwa nguNkulunkulu kubantu, yiZwi Lakhe.