Ukukhonza akusiyo imizwa yokuzizwa ukumoya kakhulu ngendlela nje emnandi engaqondakali, lapho uzizwa ususondele kakhulu kuNkulunkulu ngoba nje ubusenkonzweni.

Ukukhonza ukuphila kanye nokukhuluma ngendlela edonsela amehlo kwintando kaNkulunkulu.

AmaHubo aziwa kakhulu njengencwadi eveza izindlela ezinhle kakhulu zokukhombisa ukukhonza, kodwa, izahluko eziningi kuwona ziveza nje izimo zansuku zonke nendlela yokubhekana nazo yalabo ababe ngabamesabayo uNkulunkulu. Ngokuqinisekile amaHubo amaningi angamaculo endumiso abhekiswe kuNkulunkulu, ayeculwa ngesikhathi sokukhonza ethempelini. Kodwa amaningi ayindlela amadoda aye yilabo abamesabayo uNkulunkulu ayendosela ngayo amehlo alabo ababecula kulezozikhathi kwintando kaNkulunkulu- ukuthi Ungubani uNkulunkulu nokuthi Usebenza kanjani uNkulunkulu.

AmaHubo wonke ayizibonelo ezinhle zokukhonza futhi indlela ekuvezwa ngayo ukukhonza kwincwadi yamaHubo iyehluka hlukana, kodwa kuwona wonke uNkulunkulu uvela ngendlela enokugcizelela okuqinile nokungenakungabaza. Uma uwafunda amaHubo uyabona masinyane ukuthi bonke Abasunguli bamaculo babe ngabafundi bezindaba zikaNkulunkulu abangcono kunababhali. Babengaba shumayeli besimilo sikaNkulunkulu nentando Yakhe ngaphezu kokulokhu benikezela isithombe sezinkinga noma izibusiso zabo.

Usuke ukhonza uma ucabanga ngendlela uNkulunkulu acabanga ngayo, uphila ngendlela uNkulunkulu akuyalele ngayo, futhi kukona konke uphumelelisa intando kaNkulunkulu, hayi imizwa yakho.

Uma ufunda amaHubo, bhekisisa ukuthi isiphi isimilo sikaNkulunkulu esiveziwe lapho, bese ulingisa ngokugcizelela lesosimilo kwindlela ocabanga ngayo nokhuluma ngayo ngezinkinga noba izibusiso zakho. Lena iyona indlela esikdumisa ngayo uNkulunkulu ezintweni zonke.