Ufishi wazeka ukuthi ungufishi ngokubukeka kwawo njengofishi, ngokubhukuda njengofishi, ngokudla njengofishi, ngokuphefumula njengofishi, nange zinye izinto ezifuze lezo zawo ufishi.
Kukanjaloke nangoMkrestu
Uma umuntu ephila njengoMkrestu, ekholwa njengoMkrestu, ekhuluma njengoMKrestu, ephumula njengoMkrestu kanye nezinye izinto ezifuze ezobukrestu,lowo ke amathuba maningi ukuthi unguMkrestu. Uma kungenjalo,kusho konake ukuthi lowo akasiye uMkrestu.
Ungubani wena?
Nazi izindlela zokuzihlola eziletha ukuzethemba lapho sekungekho, futhi ziletha ukuthi uzihlolisise qobo lwakho,zivela kuMphostoli osekhulile (UJohane)
Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso.
Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe. Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso.
Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye.
Ngalokhu singakwazi ukuthi siKuye; Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.
Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe.
Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise.
Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise,
kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise.
Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile.
Owenza isono, ungokaSathane,
Umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono,
Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
Ngakube uyini wena?
Funda incwadi 1 ekaJohane ukuthola umbono kaNkulunkulu ngensindiso yakho.