Kumuntu owumkhrestu, umbuzo othi “ Uyamazi uNkulunkulu?” uhlezi uno “Yebo” njengempendulo ecacile. Kodwa ngakube uyama kangcono uNkulunkulu? Ngakube umazi kangcono kunalokho kwangosuku lwakho lokuzalwa oludlulile, kunosuku ogcine ngalo ukuhola, kunalesikhathi kade ugcina ukugeza, kunesikhathi esidlulile sokudla?
‘Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; (UHoziya 6:3a)
UNkulunkulu uthanda ukuba wena nami sibenolwazi Ngaye (UHoziya 6:6).
Wonke umonakalo esiwenzayo ezimpilweni zethu ungaxhumaniswa ngqo nokuswela
ulwazi sikholwe ngamaqiniso athile ngoNkulunkulu ( UHoziya 4:6a).
Ngobuhle bukaNkulunkulu obungapheli amandla, Uzenzile Qobolwakhe ukuba
azeke, futhi ngomusa Wakhe wokusindisa Ukwenzile wena ukuba Umazi ( UHoziya 2:20).
Ngakho umbuzo namhlanje yilo, ngakube uzomazi kangcono uNkulunkulu kusasa? Funda iBhayibheli lakho—ivesi elilodwa ngesikhathi, noma isahluko, ngisho nencwadi ephelele ngesikhathi. Funda izincwadi ezifundisa kahle ezibhalwe ngamakhrestu. Xhumana noNkulunkulu njalo.