Okuyiyona impendulo efunakalayo ithi : “Inhloso ngqangi yokuphila komuntu ukudumisa uNkulunkulu bese umthokozela ingunaphakade.”

Ngonyaka ka1646, Ikhathekisimu Emfushane yeWestminster yaqoshwa njengenye yemiqulu ukuba ithuthukise isimo sempilo kamoya kwibandla okwakuthiwa ngalesosikhathi iBandla lase-Ngilandi. Ngezizathu ezinhle, leKhathekizumu yaba ngelinye lamathuluzi ahlabahlosile ukunikezela imiyalelo yesifundiso ngoNkulunkulu ngokweBhayibheli. Lokhu sekwenzeke iminyaka engamakhulu amane ukuza kulesisikhathi samanje. IKhathekizimu Emfushane yeWestminster ihlelwe ngendlela yokuthi ibe imibuzo kanye nezimpendulo. Ngokudumili iqala ngamazwi athi “Iyini inhloso ngqangi yokuphila komuntu?” iwo lamazwi awumbuzo wokuqala. Impendulo okuyiyona ithi: Ïnhloso ngqangi yomuntu ukudumisa uNkulunkulu bese umthokozela ingunaphakade.”

Njengamakrestu sonke kuyasijabulisa ukujula okuyiloluhlobo kwalempendulo, kodwa asazi empeleni ukuthi ichaza ukuthini. “umthokozele ingunaphakade”- impela ilokho ingunaphakade elingakho- impilo yaphakade noNkulunkulu- siyakholwa yilokho, futhi siyakuthanda. Kodwa “ingunaphakade” libala ne “manje”. Kodwa uma nginganibuza nonke “Niyamthokozela uNkulunkulu MANJE?”, nginesiqiniseko ngizothola izimpendulo ezahlakuhlukene. Awuke ucabange- Ngakube uyamthokozela uNkulunkulu njengamanje? Ubumthokozela izolo? Uzomthokozela kusasa?

Abanye benu kungenzeka bathi yebo – yize kungaba impendulo abayicabangisisa manje ngoba bezwa lombuzo. Abanye bangathi “Cha, ngiyacabanga ngeke ngasebenzisa igama elithi “ukuthokozela” ukuchaza ubudlelwano bami noNkulunkulu. Igama elithi “khonza” yebo ngingalivuma, kodwa elithi “thokozela, angikaze ngicabange ngaleyondlela. Mhlawumpe abanye bangathi “angazi nokuthi umbuzo wakho uchaza ukuthini. Ziningi izinto engizi “thokozelayo” empilweni, noma aziziningi izinto engizi “thokozelayo” empilweni, kodwa futhi anginaso isiqiniseko sokuthi ngingasebenzisa igama elithi “thokozela”ukuchaza ubudlelwano bami noNkulunkulu.”

Kodwa, kumaHubo 16, lapho uDavide ehlezi ebuhleni bukaNkulunkulu basemhlabeni obungobesikhashana, ubabaza ngalendlela kuvesi 11

Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo;
intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.

Ungakusho lokhu ngesimo sakho okusona manje? Ungaqinisekisa kanye noDavide ukuthi injabulo enkulu yempilo, izinto ezithokozisayo ngesikhathi lapho ukhonza? Uyamthokozela uNkulunkulu? Mhlawumbe singakubuza ngenye indlela lokhu sithi ‘Ngakube ugculiseke kangakanani kuNkulunkulu? Ngakube isikhathi sakho noNkulunkulu obanaso usuku nosuku siyalikhuphula izinga lakho lokwaneliseka, noma kukhona ezinye izinto ekufanele ziqale zenzeke kuqala osukwini ngaphambi kokuba ungavuma uthi ugculisekile ngempilo yakho?

Incwadi yoMshumayeli iyaqinisekisa ukuthi ngokuvamile simatanisa amagama athi “intokozo” no “kwaneliseka” nezinto ezifana nokugcebeleka (2:1-2), nemali (5:10), ukudla nokokwehlisa (6:7), abantwana (6:3), kanye nomsebenzi (2:11). Ekubeni kodwa, okuyiwona umsebenzi womuntu osemqoka uku “thokozela uNkulunkulu ingunaphakade” kusukela manje.

Ngicabanga ukuthi kungaba ngenza lona iqiniso uma ngithi sinokukholwa okuncane kakhulu ngokuthi uNkulunkulu angasanelisa. Asikholwa ngokweqiniso ngenhliziyo yethu yonke ukuthi uma sinobudlelwano noJesu siyokwaneliseka nanoma yingani impilo ekulethayo endleleni yethu.

AmaHubo 17:15 athi ubungcwele obufuze obukaNkulunkulu kwenza labo abalungile baneliseke.

AmaHubo 63:5-6 athi ukuqwasha ebusuku kuwumthombo wokwaneliseka ngoba kukunikezela ithuba lokuba udlinze ngoNkulunkulu nango thando Lwakhe.

KumaHubo 65:4 Ohubayo ufakazisa ukwaneliseka ngobuhle bokuba endaweni yokudumisa.

AmaHubo 107:8-9 asikhumbuza ukuba simubonge uNkulunkulu, ngoba Uyawanelisa umphefumulo olangazelelayo.

Sinokukholwa okuncane ekutheni uNkulunkulu angasanelisa.Khumbula, sithanda iZwi likaNkulunkulu ngoba sithanda Yena uNkulunkulu. Sithanda umsebenzi kaNkulunkulu ngoba sithanda Yena uNkulunkulu. Okuyikho okuhamba phambili kubo ubukrestu akusikhona ukufunda iBhayibheli nomsebenzi weBandla- lokhu kuyizinto ezihamba phambili ngemuva ngoshintsho olukhulu olusuke selwenzekile ezimpilweni zethu lapho sesikholwa uNkulunkulu Qobolwakhe.