UNkulunkulu, Owengamele umhlaba wonke, futhi unguNkulunkulu Onathi ngamunye ngamunye wethu. Kuzona zonke izithembiso eziningi ezikuwo uMbhalo, okuyiyona induduzo ephindwe kaningi ngukuthi uNkulunkulu Unathi. UNkulunkulu akasoze asilahla.
Funda amavesi alandelayo nezindantshana ezisondelene nawo ukwamukela induduzo yoBukhona bukaNkulunkulu qobo.
UNkulunkulu Unathi lapho impilo inzima sizizwa singasodwana ( IEksodusi 33:14).
UNkulunkulu Unathi lapho ikusasa libukeka lithusa sekudingeka ukuba nesibindi (IDutheronomi 31:6).
UNkulunkulu Unathi lapho sonile sidinga umusa ( IDutheronomi 4:31).
UNkulunkulu Unathi lapho ukumlalela kubukeka kusabeka (UJoshuwa 1:5).
UNkulunkulu Unathi lapho senza okufanele ukukhonza kweqiniso (1 IZikhronike 28:20).
UNkulunkulu Unathi ohambeni lwethu lokukholwa lwmihla yonke (1 Amakhosi 8:57-58).
UNkulunkulu Unathi lapho sibhekene kalusizi nobubi nodlame (Izaya 41:13).
UNkulunkulu Unathi lapho sinesidingo esikhulu kodwa singenaso isiqiniseko sokuthi sizokwenza kanjani ngoba kunenkinga yezezimali (kumaHebheru 13:5).
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
KwabaseRoma 8:31