Ngakuba ukukholwa kwakho kwakhele kulomhlaba, noma kuNkulunkulu? Engizama ukukusho ukuthi, ngakube amaqiniso kaNkulunkulu yiwona alawula amandla okukholwa kwakho, noma amaqiniso alomhlaba nenzinkinga zawo yikona okulawula ukwehla nokunyuka kokukholwa kwakho na?
Uma konke kuhamba kahle, bese ungazelele kubekhona into ethile eshintshayo, ngakube ukukholwa kwakho kuba buthakathaka, noma mhlampe, kuthola amandla? ngakube ukukholwa kwakho kuya ngala izimo zomhlaba ziyangakhona, noma akunakunyakaziseka njengoNkulunkulu uQobolwakhe?
Amadodana kaKora kwiTestamente Elidala abhala iculo alithumela kumfundisi wekhwaya ukuba aculise isizwe sakwa-Israyeli ngokukholwa okwakhele kuNkulunkulu, hhayi kulomhlaba. Isigaba esivula lelicula siyikhambi eliqinisa ukukholwa kabazalwane bezikhathi zonke.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela,
nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo.
Amahubo 46:1-3
Uma umhlaba ungake uphenduke, kuthi konke okuhle okuhehayo kwezwe okulo kusuke kuye kwelinye izwe, iyiphi indlela ongaphendula ngayo? Ngakube lokho ungakubona njengesikhumbuzo sikaNkulunkulu oyidwala elinganyakaziseki lapho ukuphepha, amandla nosizo kutholakala khona?
Hamba uyofunda Amahubo 46 bese uqaphela izinto eziqinisanayo kukona konke okuhle okubaliwe, bese ubheka lokho okuyikho okwengamele kuzona zonke izinto ezimbi ezenzakalayo.
Kuyiqiniso elimsulwa, ukuthi ngisho kungathiwa umhlaba uyaguquka, uNkulunkulu uyoqhubeka abe nguNkulunkulu othembekilw okhona, njengoba Ehlezi enjalo.