Incwadi kaMakhu imfushane, iyona emfushane kunazo zonke ezinikezela umlando ngempilo kaJesu. Kwezine izincwadi ezinikezelwe ngokuqhutshwa nguMoya Ongcwele ezikhuluma ngempilo kaJesu, ekaMakhu iyona emfushane kodwa futhi isaqukethe okuyikho ngempilo kaJesu. uMakhu usebenzisa uhlelo lwamagama alula, ngoba ebhekela ulwazi olufushane ngemibhalo lwalabo ayebabhalela, futhi incwadi yakhe ikhombisa ukuphuthuma kancane- lokho sikubona ngegama elithi “Masinyane” elivela kaningana kwincwadi yakhe eyizahluko eziwu 16 kuphela!

Ngakho incwadi kaMakhu iveza ngempilo kaJesu ngendlela enhle kakhulu ukuthi ingasebenza kangcono ngokwenhloso yokuvangela. Umqondo awunikayo usobala: “Lona nguJesu, yikuphi okwenzayo Ngaye?”

UMakhuunjengo mkhangisi: “ lona ngumkhiqizo wami omuhle kakhulu, ngakube uzowuthokozisa bese uyamukela, noma uzowenza inhlenkisa bese uyawudibhiza.” Okungasho ukuthi uMakhu uyakhangisa, kodwa uyavangela. UMakhu ukwethulela uJesu, elindele futhi nokubona ukuthi wena uzophendula kanjani. Ngakube uzophendula njengabaningi esikhathini sokuphila kukaJesu ababa nokumangala noma uzokwenza inhlekisa? Ngakube uzophenduka noma uzodaza inkani? uMakhu lombuzo akawubuzi ngokuqondile, kodwa uyakuvezela izimpendulo eziningi zabantu ababephila ngesikhathi sikaJesu, ekubuza ngendlela ecashile ukuthi “wena wenzani Ngaye (uJesu)?”

UMakhu ukuthatha akubeke maphakathi nempilo kaJesu, akwenze ubone, uzwe, uzizwele wena impilo kaJesu. Bese kaningana, uMakhu ajikise ikhanda lakho ukuthi ubone ukuthi yini abantu ababe yenza ngesikhathi uJesu ekhona.

UMakhu wamubona uJesu, ngakho usexoxa indaba ngokucophelela ukuze sonke simubone uJesu. Wamuzwa uJesu, ngakho useqopha amagama akhulunywa nguJesu ukuze nathi sizizwele. Wazibonela mathupha ukuphendula okuhlukahlukene kubhekiswe kuJesu, ufuna wena ucabange ukuthi uzophendula kanjani. Ukwenza ubone uJesu, bese futhi uzibonela ukumangala kwabantu ababekhona ngesikhathi sikaJesu.

Lona nguJesu, yikuphi wena okwenzayo Ngaye?

Ngakube usumujwayele uJesu, iyakwanelisa indlela osuMujwayele ngayo? Awunandaba ngoJesu, futhi akukho lutho olukugqugquzelayo ukuthi uMazi? Noma ngakube uyamangala? Ngakube kuyakumangalisa ukucabanga ngoJesu?