Ziningi izindlela izinkolo ezahlukene ezikhuluma ngayo ngoJesu. Ezinye ziyasho zithi ungumprofethi, kodwa njengabaprofethi bazo, ezinye ziyavuma ukuthi uNkulunkulu kodwa besezithi ongalingani noSimakade. Abantu abaningi kuzo lezizinkolo ubezwa bethi bamphuphile uJesu noma bamubonile ngemibono. Abanye baze bazihlamuke lezizinkolo ngenxa yesimangaliso sokumubona uJesu ngendlela abachaza ngayo.
Yize kungazwakala kukholakala ukuthi bamphuphile uJesu, noma kungavunyelwana ngokuthi unguye umprofethi noma uNkulunkulu. Ubufakazi ababunikayo labo abamphuphile kungaba nzima ukubuphikisa. Kukona konke linye iqiniso esimelwe ukubambelela singachezuki kulo. Leliqiniso lingamazwi aphimiswa nguJesu ngomlomo wakhe:
“Okholwa yimi, njengokusho kwemibhalo esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo”
ngokukaJohane 8:38
Lowo ovuma ukuba uJesu ungumprofethi kodwa lobobuprofethi bukaJesu bungekho ngokoMbhalo, akusiye uJesu lowo amchazayo. Othi uJesu unguNkulunkulu kodwa ubuNkulunkulu bukaJesu abuchazayo bungayi ngokoMbhalo, akusiye uJesu lowo amchazayo. Noma kungehla ingelosi imchaze uJesu, uma ehlukile kulowo owambulwe ngeMibhalo akusiye uJesu lowo.
UJesu esemhlabeni ngokwesiqu senyama abayiso, ezazi ukuba uNgubani, kodwa wayefakazisa ubuYena “njengokusho kwemibhalo” ( ngokukaJohane 5:39-40)
Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami. Kepha anifuni ukuza kimi ukuze nibe nokuphila.
ngokukaJohane 5:39-40
Amazwi alabo abahlala naye uJesu, bakhuliswa Nguye ohambeni lokukholwa nakhu abakushoyo:
“…..Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Impela leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Ngakho-ke sinalo izwi lesiprofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise….”
2 kaPhethro 1:17-19
Kubona bonke ubufakazi ababanabo njengofakazi bakaJesu abaqanda ikhanda, nabo baqinisa kakhulu ngemibhalo kunezibonakaliso.
Okuyikho esinakho okuqinisekile ngoJesu, akusiwona amaphupho nemibono yemiqondo yabantu, nanoma yiluphi uhlobo lwezibonakaliso engabe wahlangabezana naso, kepha Imibhalo esiyokwenza kahle ukuba siyiqaphele, bese sikholwa kuJesu njengekusho kwayo Imibhalo.
Sikholwa Kuye njengokusho kweMibhalo, Simushumayela njengokusho kwayo Imibhalo.