Lamazwi “nguNkulunkulu kuphela ozokwahlulela” ngokuvamile asetshenziswa njengendlela yokuzikhulula kukho ukwahlulelwa. Kunalokho, kumele afake ukwesaba, noma ukukhonza. Ukwesaba, ngoba ngeqiniso wonke umuntu uzoma phambi kukaNkulunkulu azilande ngakho konke akwenzile. Noma, ukukhonza, ngoba siyabona ukuthi uNkulunkulu, noma ngeqiniso enguMahluleli wethu, wahlulele uKhristu uJesu endaweni yethu. (zombili lezinhlangothu zalomqondo zikhona kumaHebheru 9:27-28)

Kodwa, kukhona ukuphendula okuyinhlanganisela kulamazwi athi “nguNkulunkulu kuphela ohlulelayo” okuveza kokubili, ukulindela okukhulu ulindele ukwahlulelwa kwababi, nokufakazeleka okukhulu kuwe ngokulunga kweqiniso.

Ukufingqwa okulula kwempendulo yaloluhlobo kunikezeliwe kumaHubo 7:8

Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami

nangobuqotho bami.

Amahubo 7:8

Singakwenza kanjani kokubili, ukuthanda ukwahlulela kukaNkulunkulu, siphinde sibize ukwahlulela kukaNkulunkulu? AMahubo 7 wonke ayayinekezela impendulo.

Okokuqala, funa okwakho ukuphepha, hhayi kuqobolwakho noma kwabanye abalunge ngokuthe thuthu kunawe, kodwa kuNkulunkulu uQobolwakhe ( Amahubo 7:1-2).

Vuma zonke izono zakho bese uqinisekisa ngokuvuma isijeziso sezono zakho ( Amahubo 7:3-5).

Khuleka ukuthi uNkulunkulu impela abe nokulunga, ahlulela ngokobubi nokulunga kwakho (Amahubo 7:6-9).

Bona ukuthi ukuphepha kwakho ngosuku lokwahlulela akuyikuya ngokulunga kwakho, kodwa ngokulunga koMahluleli, ngakhoke ukuphepha kwakho ngosuku lokwahlulela kuza ngokubalekela kuMahluleli uQobolwakhe ( Amahubo 7:10-17).

Yilabo kuphela abamukela ukulunga kukaNkulunkulu abazovikeleka ekwahluleleni kukaNkulunkulu ngosuku lokwahlulela.