Sikhulumile ngokuhluka kwaleliqiniso. Osekubalulekile ukwazi ukuthi, Yiliphi leliqiniso? Ngoba sesibonile ukuthi akusiwona wonke amaqiniso uJesu ayekhuluma ngawo. Futhi akusiyena wonke umuntu oyakulazi leliqiniso, kuphela yilowo nalowo okholwa kuJesu ebese esema kwisifundiso sikaJesu. Yilowoke ozokwazi leliqiniso eliholelana kwinkululeko.

Uma sifunda kwincwadi ngokuJohane 8:24 uthi “….ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”

Nali iqiniso, uJesu unguNginguye. Okungukuthi unguNkulunkulu (kumaHebheru 1:8), okunguye owadala izulu nomhlaba (kumaHebheru 1:10), ozile emhlabeni, wazalwa njengabantu, wabangumuntu (ngokukaJohane 1:14), ukuzofela abantu bakhe ezonweni zabo (ngokukaMathewu 1:21).

Kulapho la leliqiniso liqala khona, ukukholwa egameni lakhe uJesu. IBhayibheli lilonke liyiso isifundiso sikaJesu ekumele sime kuso. KwiTestamente Elisha, izincwadi ezine zokuqala ezinika ubufakazi ngempilo kaJesu esemhlabeni. Kanti iTestamente Elidala libikezela ngokufika kwakhe emhlabeni, futhi naye uJesu wakuqinisekisa ukuthi iTestamente Elidala lifundisa ngaye (ngokukaLuka 24:27). Bese kuba izincwadi ezibhalwe yilabo ababengofakazi bakaJesu ( 2 KaPhethro 1:20-21) sebefundisa abanye ngoJesu,beqhubeka nokwenza izizwe zonke abafundi okwakungumyalelo wayo iNkosi uJesu (ngokukaMathewu 28:19-20). Ngakho ngokulifunda lonke iBhayibheli sizokwazi iqiniso ngoNkulunkulu, ngomuntu nomsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu.

UJesu uqobo lwakhe uyiqiniso (ngokukaJohane 14:6), nokukuye nakushoyo konke kuyiqiniso.

Iqiniso lonke uNkulunkulu uligcine kuJesu ngesizathu sokuthi bonke abakholwa kuye uJesu

 “…… babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu, okufuhliwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nokwazi”

KwabaseKholose 2:2-3