Abantu baya ukothola ukwelulekwa okungahlangene nenkolo nokwelulekwa ngumfundisi belindele izinto eziningi ezahlukene. Abanye abalindele lutho empeleni, ngaphandle mhlawumbe komlingo ozolungisa zonke izinkinga zabo. Abanye balindele ukulalelwa banikwe indlebe—ngokusobala akukho okungaphezulu kwalokho. Beseke kuhlezi kukhona labo, njengoNebukhadinezari, abalindele umeluleki ukuthi “nje azi”ukuthi inkinga yini. Kwenye ingxenye kukhona labo abalindele ukunikwa indlebe—ngokusobala akukho okunye—lapho bethulula ukukhononda nemibono okunye kulandelwa okunye kube engathi ukukhuluma kuphela kwanele umakunikezelwa ukwelulekwa.

Yini uNkulunkulu ayilindele lapho kunikezelwa ukwelulekwa? Yini ekumele Amakhrestu ayilindele kubefundisi bawo uma bebhekene nokuxakeka kungaba ukwenza isinqumo, isono noma ubunzima? Yikuphi izwe ekmele likulindele ekwelulekweni kwalo okungayi ngokwenkolo?

Impendulo ilula kakhulu kunalokho esikucabangayo. Uma udinga usizo, ngakho Lindela usizo! Lindela ukusizwa ngento esizayo!

Kukwelulekwa okuya ngeBhayibheli okulindelekile yilokhu 1) inkinga izocaciswa, 2) kuzolandelwa izinga elingayi ngokwemibono, 3) bese kunikezelwa umyalelo okumele wenziwe

  1. Inkinga izocaciswa. Lokhu kusho ukuthi umuntu odinga usizo kumele akhulume ( IZaga 28:13), umeluleki kumele alalelisise ngokuhlaziya ngokucophelela ( IZaga 18:13). Lindela kumeluleki ukuthi ahlunge konke okuyimibono ngezinkinga bese ekhipha lokho okuyimbangela yezinkinga okuyikona okumele kugxekwe (ekaJakobe 4:1).
  2. Izinga elingayi ngemibono yilo elizolandelwa. Lokhu kuchaza ukuthi yonke imicabango nemibono nemizwa yalowo ofuna usizo nalowo ongumeluleki  izonikelwa ngaphansi kweZwi likaNkulunkulu ( kumaHebheru 4:12-13). Yilokhu okwenza ukweluleka okuza ngeBhayibheli kuhambe phambili kunakho konke ukwelulekwa okuhlangene nezinto ezithinta umphefumulo kunye nokuphila kwengqondo yomuntu. Lindela kumeluleki oluleka ngokweBhayibheli ukuthi ANGASEBENZISI amatemu asenikezelwe yilabo abangodokotela bezengqondo, ukuthi ANGANCOMI ukusetshenziswa kwemishanguze kwizinkinga ezithinta ingqondo, ANGAVUNI izaba zakho, ANGAFAKI eyakhe imibono. Esikhundleni salokho , Lindela kumeluleki oluleka ngokweBhayibheli ukuthi akunikezele amavesi eBhayibheli, ukuthi adalule okuyikonakona imbangela yemicabango yethu nokuziphatha kwethu, nokuthi amise ukulunga njengendlela eya ekuphumeleleni.
  3. Kuzonikezelwa umyalelo oyindlela ephathekayo yokwenza. Ukunikezela ukulunga ngendlela ewusizo ephathekayo yilapho la okulindelwe ngumeluleki kuvela khona. Ukwelulekwa okuya ngokweBhayibheli kuya ngokubambisana. Umuntu ofuna usizo umele alindele usizo kumeluleki, kodwa nomeluleki kumele alindele ukulangazelela ukushintsha kulomuntu odinga ushintsho. Ukwelulekwa ngokweBhayibheli kunazo zonke izimpendulo, kodwa zidinga ukuthi zenziwe zibe yisenzo. Kulokho okulindele kukwelulekwa okuya ngeBhayibheli, lindela ukuthi ulindelwe ukuthi ushintshe! Yilabo kuphela abaphila futhi bahambe ngoMoya abathola ukuthokozela isitheko sikaMoya ( kwabaseGalathiya 5:22-25).

Sonke ngezikhathi ezahlukene, ngenxa yezizathu ezahlukene,  siyakudinga ukwelulekwa. Ungavumeli ukuthola okungekho ezingeni eliphezulu. Lindela ukuthi izinkinga zicaciswe, lindela izinga elingayingemibono okuyilelo elenza imibono yabantu ize, bese ulindela ukushintsha ngendlela ephathekayo. Biza umfundisi wakho/ ngakube umdala webandla. Batshele ukuthi yini oyilindele kubona, funda ukunqoba izinkinga zakulomhlaba ngokwelulekwa kukaNkulunkulu okumi phakade.