The Bible’s Big Picture
Kuhle ukwazi ukuthi iBhayibheli akusiwona nje umqulu wezisho zikamoya ezithuke zahlanganiswa, kodwa linikeziwe kithina kusetshenziswa izikhathi zempilo yabantu ezithile. Lokhu kusinikeza ukuceba nokufaneleka okujulile kulokho obekungagcina kuyincwadi ekhuluma ngezinto zikamoya ngendlela ethemelezayo.
IBhayibheli lonke lingafingqwa ngamavesi amathathu
UGenesisi 3:15
Isono sangena emhlabeni, kodwa uNkulunkulu waprofetha “ngenzalo yowesifazane” ezoza ifike ixazulule inkinga yesono.
NgokukaJohane 3:16
Lelivesi elaziwa kakhulu lixhumanisa Lowo oyiSethembiso sikaNkulunkulu nomuntu emlandweni obizwa “ngoJesu Khristu”.
KwabaseFiliphi 2:9-11
Inhloso eyenza uNkulunkulu angenelele ezimpilweni zezidalwa Zakhe ukuthi khona zonke zizothobeka kuyo iNdodana Yakhe ethandiweyo njenge “Nkosi”.
Okuyiyona umgogodla weTestamente Elidala (uGenesisi-uMalakhi) ukulodwa kwesizukulwane okwazalwa kuso “inzalo yowesifazane” eyayithenjisiwe ngaphambili kuGenesisi 3:15.
izincwadi zeVangeli ( ngokukaMathewu – ngokukaLukha) ziyingxoxo ngokufika, impilo nokufa kwaLowo owathenjiswe efingqwe kwincwadi ngokukaJohane 3:16
Bese kuthi yonke enye ingxenye yeTestamente Elisha (Izenzo- Isambulo) ikhuluma ngendlela umhlaba wonke ongakwazi ngayo ukwazi ngeNdodana kaNkulunkulu ukuze abantu bezokwazi ukuphendula ngendlela efanele Kuye njengoba isho incwadi kwabaseFiliphi 2:9-11.
Izindaba ezinhle zenhloso yeBhayibheli ukuthi uNkulunkulu ungenelela kwimpilo yabantu, futhi Wenza kanjalo ngokuthembisa uMsindisi, egcwalisa isethimbiso Sakhe, bese embula kithinia imininingwane ukuze sonke ngentokozo sizothobeka kuJesu Khristu iNkosi yethu!