Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso.Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni, ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi. Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa. Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.

EkaJakobe 3:3-18

Emavesini ayisithupha nje uJakobe uphosela inselelo indlela thina esibona ngayo ukuhlakanipha. Uyayicakaza ngokuyimpumelelo indlela yethu enephutha futhi elimazayo esiqonda ngayo ukuhlakanipha bese esikhundleni sayo anikezele ukuqonda okucace bha ngobuhlakani beqiniso. Usinikezela inselelo, yokuthi sizibone thina njengalabo abahlakaniphile emehlweni omhlaba bese esiphakamisela kukho ukuqonda okusha nokuphelele bokuthi umuntu okholwayo ngempela angakubona kanjani futhi angazizwela kanjani ukuhlakanipha okuvela kuNKulunkulu.

Ukufunda incwadi ekaJakobe 3:13-18 kumele kusenze siqaphele ukuthi lokho ngokuvamile okubonwa njengokuhlakanipha kungenzeka akusikho ukuhlakanipha kweqiniso. Njengamakholwa asinakukwazi ukuthi sivumelane nendlela izwe eliziphatha ngayo. Sesiyayazi indlela engcono. Siyakwazi ukuhlakanipha okungcono. Sazi uMthombo wokuhlakanipha ongcono.

Sidinga ukushintsha ukubuka kwethu izinto sikuqondanise neqiniso eliphathelene nokuhlakanipha. Sidinga ukubona umkhuba wokufuna ngokulangazelela ukuhlakanipha kwalelizwe bese siyakuchitha njengalobo obukhungethwe amadimoni. Simelwe ukubheka Kuye onikezela ukuhlakanipha bese sicela ukuhlakanipha kwaphezulu ngenhliziyo egcwele. Simelwe ukuvumela lokho kuhlakanipha ukuthi kugcwalise izenzo zethu ukuze ukukholwa kwethu kwenziwe kube nokufakazeleka kubona bonke abantu ngakho ukuxhumana kwethu kwemihla ngemihla.

Kunokuba sikhathazeke uma sibhekene nobunzima siyakuba ngabathokozayo. Kunokuba sizishaye abanokukholwa okufile, siyakuba ngabakuphilayo ukukholwa. Kunokuba siphathane ngokukhetha, sizophatha wonke umuntu njengoba uJesu enza. Ulimi lwethu luzohlanzeka, imihlangano yethu izoba nokuthula, siyakube sesizizwela umusa ovela kuNKulunkulu uma sizithoba Kuye. Ngenxa yokuphila okugcwaliswe ngalobu buhlakani, siyozizwela amandla omkhuleko kanye nawe nsindiso yemiphefumulo yethu.